OWAFIKA nama-podcast kumele ashayelwe ihlombe ngoba wakwazi ukusenzela impilo yaba lula.
Ama-podcast ahlukene kanti kuwona kukhona nawasemisakazweni. Asiza kakhulu uma kukhona into ekuphuthile bese ungena khona ngokuvakashela i-website yesiteshi noma ungene kwi-app yakhona bese uyolalela lokho ngaphansi kohlelo olufunayo.
Kukhona lawo aqoshwayo nje, angahlangene nemisakazo bese efakwa ezinkundleni ezifana neYoutube noSpotify.
Okumnandi ngama-podcast ukuthi azikho izikhangiso kuwo. Akufani nasemsakazweni lapho kuthi ingxoxo isemnandi kuphoqeleka ukuthi umise umuntu esakhuluma kahle ngoba nakhu kumele udlale isikhangiso noma kuyiwe ezindabeni. Kwi-podcast alikho ikhefu, kuyashibilikwa nje.
Iyangichaza into eyenziwa ngabasakazi abafana noMacG, ababona ukuthi emisakazweni abakhululeki, baziqalela ama-podcast. Muva nje ngibone noKini Shandu ukuthi useneyakhe, iPodcast with Kini Shandu. Isisesiqeshini sesine manje, ngibonile ekhuluma noThembinkosi Ngcobo, DJ Happy Gal, Khwezi Ndlovu noBhaka.
Lokhu yinto enhle ngoba kusuka uKini ahamba kwiGagasi FM awukho umsakazo abalandeli bakhe abathole ithuba lokumuzwa kuwo nokwashiya isilonda kwabanye. Phela uKini wayethandeka emsakazweni ngendlela ayesakaza ngayo nangokuba nekhono lokwazi ukuxuba amancoko nolwazi.
Ukuthi manje sesiyakwazi ukumuzwa kule podcast yakhe kuYoutube yinto enhle. Kuyo futhi usebenzisa amathalente akhe amabili, okungelokusakaza nokwethula izinhlelo zethelevishini ngoba kuYoutube kuvela ama-video. Uzokhumbula phela ukuthi uke wethula iDaily Thetha kuSABC 1.
I-podcast yakhe imnandi ngoba yenza ukuthi akwazi ukuba nguye, akhulume noma yikanjani ngaphandle kokuqoqa ulimi. Phela emsakazweni kunezinto obuye usabe ukuzisho noma ukuzibuza ngoba ungazi ukuthi zizobukeka kanjani noma usaba ukuthi kuzothiwa ziyahlambalaza. Uthole ukuthi yizinto ezikhulunywayo futhi nabantu bayafuna ukwazi ngazo.
Ama-podcast ayindlela emnandi yokubalekela imisakazo uma ufuna okuhlukile. Phela kuke kwenzeke uthi uvula imisakazo uyizwe ibhora nje ngoba isikhathi esiningi yenza izinto ezifanayo ngesikhathi esisodwa. Ukwenza isibonelo, uyazi ukuthi ngeSonto kudlala umculo opholile kweminingi. Uma ungawufuni ubalekelaphi?
Mhlawumbe ngaphandle kokuba nezimenywa ezingabantu abaziwayo nokwazi ngempilo yabo, kuzomele uKini aqhamuke nezinye izihloko ezithinta abantu azokhuluma ngazo ukuze uhlelo lwakhe luvozuleleka, lungagxili entweni eyodwa.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu