ZIMAPEKETWANE izinto emsakazweni Ukhozi FM njengoba kuthiwa kukhona abasakazi abangeneme ngokuqokwa ngokugcwele kwesokuphatha isiteshi kukaSbongi Ngcobo.
Ngeledlule, iSABC imemezele ukuthi uSbongi uzokwengamela Ukhozi FM esikhundleni esibizwa nge-business manager.
Bese kuphele iminyaka engaphezu kwemibili ebambe njengomphathi ngemuva kokukhushulelwa kukaBonga Mpanza ukuthi eyobamba esikhundleni sokuphatha iSABC KwaZulu-Natal.
UBonga, owagcina esulile eSABC, wayeyobamba isikhundla esashiywa nguZamambo Mkhize ngesikhathi ethatha umhlalaphansi.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi kukhona abangeneme ngendlela uSbongi aphethe ngayo, kangangoba baze bacela umhlangano nesikhulu esiphezulu seSABC, uMadoda Mxakwe nowengamele imisakazo kuzwelonke, uNada Wotshela.
Obambe njengomkhulumeli weSABC, uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi izikhulu zayo zimenywe emhlanganweni ukuba kuyobhungwa ngezikhalo ngoKhozi FM.
"Obekukhulunywa emhlanganweni kuyinto yangaphakathi, ngeke kuphawulwe ngakho," kusho uMmoni.
Umthombo uthe umhlangano ubuseLangeni Hotel ngoLwesihlanu olwedlule lapho bekukhona abasakazi uNongcebo McKenzie, DJ Sgqemeza noTshatha.
Omunye umthombo osebenza kuleli hhotela, ukuqinisekisile ukubona laba basakazi, wengeza ngokuthi "omunye wabo ubegqoke isudi eyisikotshi".
Kuthiwa kubizwe nomphathi wezinhlelo, uZandile Tembe, ukuba azobeka akwaziyo ngendlela izinto ezihamba ngayo emsakazweni.
Umthombo uthe kulindeleke ukuthi uMxakwe aqhamuke nezisombululo ezinsukwini eziyisikhombisa.
"USbongi ubizelwe eGoli ngoLwesibili ukuthi kuyokhulunywa ngodaba lwakhe. Asisazi isinqumo sitheni. Angazi ukuthi uzobuya kuqhutshekwe kanjani nokusebenza ngoba sekunje. Kuyimanje asitsheliwe ukuthi izinhlelo zizoma kanjani, sizwa emaphepheni yize umhlaka 1 useduzane," kusho umthombo.
UMmoni uthe akukho ukuthi imimoya iphezulu kuKhozi FM futhi bayamthemba uSbongi.