ZIBHEKWE ngabomvu izinguquko okulindeleke ukuthi zenziwe yiMetro FM ngo-Ephreli njengoba imatasa nezingxoxo ngezinkontileka ezintsha nabasakazi.
Sekuvele kuqinisekisiwe ukuthi uMo Flava, obethula uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto, ngeke esaba yingxenye yesiteshi.
I-SABC, iMetro FM engaphansi kwayo, ngeledlule ikhiphe isitatimende sokuthi uMo Flava uzogcina ngoLwesihlanu olwedlule kodwa wagcina ngoLwesibili olwedlule nokuyisinqumo athe uzithathele sona. Njengamanje uhlelo lushayelwa nguKhutsoTheledi futhi kwavela amahlebezi okuthi luzothathwa nguDJ Sabby noSkhumba Hlophe.
Leli phephandaba lithole ukuthi akuyena uMoFlava kuphela ohlukana nalesi siteshi.
Umthombo, osebenza eSABC kodwa ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba, uthe abangeke besabuya nguMs Cosmo noHope Mbhele.
“U-Hope uyahamba kwiMetro. NoMiss Cosmo akasekho,” kusho umthombo.
UMs Cosmo wethula uhlelo iThe Encore with Kayeezi & Miss Cosmo ngo-12 kuya ku-3 ntambama ngoMgqibelo.
Ebuzwa ngokuhamba kwakhe uMs Cosmo, ojoyine iMetro esuka kwi-5FM, uthe: "Ubani okutshele lokho? Chabo."
UHope, ojoyine lesi siteshi ngonyaka odlule esuka kwiGagasi FM, wethula uhlelo iThe Morning Shake Up with Hope Mbhele ngo-3 kuya ku-6 ekuseni ngoMgqibelo nangeSonto.
Kushaye isikhathi sokushicilela engatholakali ocingweni futhi nomyalezo athunyelelwe wona ukhombisa ukuthi uwufundile kodwa wangawuphendula. Le ntokazi iphinde ibe wumlingisi njengoba idlala indawo ephambili kuMkhokha ngo8.30 ebusuku phakathi nesonto kuMzansi Magic.
Okhulumela iSABC obambile, uMmoni Seapolelo, uthe bangakuqinisekisa ukuthi bazomemezela izinguquko, uma zikhona, ngokuhamba kwesikhathi.
Leli phephandaba lithole ukuthi uSiya Mhlongo, abanye abebebuza ukuthi uzoshiya yini kwiMetro njengoba esebuyele emoyeni kuKhozi FM, uzoncelisa amawele.
USiya uzoqala uhlelo Ubusuku Obuhle kuKhozi FM kanti kwiMetro njengamanje ungena noThami Ngubeni ngeSonto ekuseni.