Ngiphatheke kabi ngesonto eledlule ngibona kwiFacebook isiteshi iZululand FM sixolisa kubalaleli sithi asikho emoyeni ngenxa yamasela.
Lesi siteshi esike sasakazela nasoLundi sizinze eMelmoth.
“Sibingelele kubalaleli bomsakazo iZululand 97.0FM. Sifisa ukuxolisa nokunazisa ngokungazwakali emoyeni komsakazo. Izolo ebusuku ngezikhathi zabo 10 kunohlelo lokucisha ugesi ngokuwonga kungene izinswelaboya zathatha imishini yokusakaza,ama-computer, mixers, laptops nama-phones okushayela emsakazweni. Sicela niwuhlabe niwulawule noma uma kukhona abadayiselwa izinto ezifana nalezo ezindaweni ezakhele iMelmoth basithinte ekhasini lomsakazo. Siyabonga Zulu omuhle,” kubhalwe kanje ekhasini lesiteshi kwiFacebook.
Ngale kokuthi isiteshi sengineminyaka ngisazi, umsunguli waso ongasekho uBhekisisa Ngcobo nabanye abasebenzi ababeyibambe khona kodwa okwenzekile kube wumshophi ongafuneki.
Okungiphathe kabuhlungu kakhulu wukuthi kusanda kuba nemibiko kwiSolezwe yokuthi kwenzeke esifanayo nakwiNtuzuma FM nayo egqekezwe yebelwa impahla.
Okwenzeke kulezi ziteshi kungikhumbuze iNtokozo FM eyebelwa impahla ngesikhathi kunezibhelu zangoJulayi 2021.
Ukwebiwa kwempahla yokusakaza kuphazamisa kakhulu ekutheni imiphakathi eyakhele lezo ziteshi ithole ulwazi oluyithinta ngqo.
Ngibonile ukuthi iZululand FM ibhale ukuthi isibuyelile emoyeni nokuyinto enhle.
Kufana nakho ukuthi iziteshi zintule imali zigcina zivalwa njengoba iVibe FM KwaMashu ingekho emoyeni nje. Nengqwaba yeziteshi zomphakathi zithwele kanzima ngenxa yokugqoza kwabakhangisi abazofaka imali.
Yinto okumele isukunyelwe ngoba ukushabalala kwazo kuyobe kusho ukulimala kwemiphakathi.
Bheka ngoba iNtuzuma FM nje, kubikwe ukuthi inabasebenzi abangu-32 iningi labo okungabantu abasha abebehleli emakhaya singakavulwa isiteshi .
Sebezophuma babheke kuphi nje njengoba nemisebenzi igqoza kangaka?
Imiphakathi kumele ivikele izinto eziyiyisa phambili futhi eziwusizo kuyo.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu.