OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, utheleke nabalandeli bakhe eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli izolo, maqede kwaphazamiseka ukuthethwa kwamanye amacala.
Obekudala lokho wukuthi bangene enkantolo behuba izingoma zempi futhi bekhuza izaga. Kuhluleke ngisho unogada ebanxusa ukuba bathule ngoba baphazamisa ukuqulwa kwamanye amacala. Kube sengathi uthela amanzi emhlane wedada ngoba baqhubekile bacula kakhulu.
Enye ingoma beyichapha ngenhlamba uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ebizwa ngothuvi nangodoti. Ngisho sebengena ngaphakathi kwegumbi lapho bekuqulwa khona icala likaNgizwe, baqhubekile abalandeli bakhe nokucula, baze bathethiswa ngumshushisi. Yize beyekile ukucula kodwa bavele bakhuluma ngesiZulu bathi bona bangamaZulu, ngakho abezwa ngomunye umuntu.
UNgizwe usolwa ngokugqugquzela udlambedlu emphakathini nokwephula imithetho eyayinqanda abantu ukuba bangahlangani ukugwema ukusabalala kwegciwane leCovid-19.
Icala likaNgizwe libuye lahlehliselwa uMeyi 25, ukuze kuphume isinqumo. Akwehlanga kahle kuNgizwe ukuhlehliswa kwecala ngoba uzwakale ekhwela edilika kumshushisi.