IZINHLELO zesintu anikwe zona emsakazweni uthi zimenze wakhula kakhulu nakweminye imikhakha umsakazi wesiteshi somphakathi iZululand FM, uPhilasande Zungu.
UPhilasande odume ngelikaMC Gwajo uveze ukuthi ukwenza uhlelo lukamaskandi aluthatha kumsakazi woKhozi FM uMdonso Ngcobo, kumenze isilomo efika emsakazweni kwaze kwaba unikwa nolunye oluthinta amasiko.
Ekhuluma neSolezwe, uPhilasande uthe eqeda u-matric, eSicelosethu High, wagxila ekulaleleni umsakazo njengoba ayethanda kakhulu umsakazo Ukhozi FM neMaputaland FM.
“Ngathanda kakhulu uhlelo lomlingisi woZalo odume ngelikaNyawo uCebolenkosi Mthembu. Ngaleso sikhathi wayesebenzela iMaputaland enza uhlelo iTop 20. Uyena owangifundisa okuningi njengoba ngagcina ngihlanganile naye futhi wangisiza ngathola ithuba lokuqala lokungena emsakazweni khona eMaputaland FM, eJozini.
“Ngemuva kwalokho ngithole ithuba emsakazweni iZululand FM, eMelmoth. Ngingene kulo msakazo befuna umuntu ozokwenza uhlelo lukamaskandi, kuhambe uMdonso. Uhlelo Ivume Wethu ngalubamba kusuka ehamba kuze kube manje njengoba lungena ngoMgqibelo, ngehora lokuqala emini kuze kube ihora lesine ntambama.
“Ngalolu hlelo kuningi engikuzuzile okukhona kukho ukuqokwa emcimbini wezindondo amaSatma ngo-2019, ngabuya nayo leyo ndondo,” kusho uPhilasande.
Uthe muva nje, ube esenikwa olunye uhlelo lwezinkulumo zesintu olungena phakathi nezinsuku ngo 4 kuya ngo 6 ekuseni olungena ngoMsombuluko, kuya ngoLwesihlanu.
Lolu hlelo uthe lugxile kakhulu emkhosini yaseNdlunkulu, basiza nabantu abafuna izinto ezithinta isintu nenkolo.
Uveze ukuthi bakhuluma nezazi zamasiko kulo, nokugcine ngokuthi ngalo asebenze nenkampani eqopha imicimbi yesintu neyaseNdlunkulu, iNhlaka Production.
Uveze ukuthi ngelinye ilanga uyafisa ukuba umethuli wezinhlelo kwithelevishini aphinde abe umsakazi oKhozini.
Uma ufuna ukuzibona kulengosi ungangithumelela i-email [email protected]