KUYANGICHAZA okwenziwa yiGagasi FM uma lenza izinguquko ezinhlelweni zalo njengoba lenzile ngesonto eledlule.
Lesi siteshi asifani nezinye ezivele zithumele nje isitatimende kwabezindaba noma sifake ezinkundleni zokuxhumana kepha limema abezindaba nabathile emcimbini wokumenyezelwa kwalezi zinguquko.
Ngokwenza umcimbi umema abakhangisi osebenza nabo nabasha ofuna ukusebenza nabo bese ubethulela nohla lwabasakazi. Kule minyaka emibili eyedlule akukaze kwenzeke zinguquko ezitheni kwiGagasi ngakho ngisho laba basakazi bengebasha kodwa uyadinga ukubadayisa kubakhangisi ukuze bebathembe.
Yithuba futhi lokuthi nabakhangisi bezwe ngqo ngesiteshi hhayi kuphela kubantu abasebenza ezikhangisweni.
Ngaphezu kwalokho, kunikeza ithuba lokubonga abakhangisi ubabona ubuso nobuso nikhulume ngokukhululeka ngoba amahhovisi abakhulu abuye afake ingcindezi. Nabo bazokhululeka baveze izinto abazithanda ngesiteshi nalezo abacabanga ukuzithi kumele zishintshe.
Abantu bomsakazo bafuna ukwenza imali futhi izinkampani manje ziyazinciphisa izindleko zokukhangisa nokuphoqa ukuthi zeshelwe ukuze zikubone ukubaluleka kokukhangisa. Sibona izinkampani zisebenza abakhangisa ezinkundleni zokuxhumana, okuthiwa ngama-influencer ngoba beshibhile okusaveza khona ukubaluleka kokuthi iziteshi zizidayise.
Empeleni ama-influencer angempela ngabasakazi ngoba yibo abaqala ukusidayisela izinto sizibone ngamehlo engqondo.
Kumele wenze nabakhangisi bakho uma becabanga ama-influencer becabange nabasakazi bakho.
Le ndaba yezitatimende yenza kube nzima ngoba abezindaba abakwazi nokubuza ngqo kubaphathi nabasakazi. Imithombo yabezindaba iyadingana, okuyingakho ubona Ukhozi FM lusebenza neSABC 1 futhi nangesikhathi lwethula Ukhozi FM TV lwalumeme iMorning Live. Sike sibone iVuma FM ikhangisa emaphephandabeni okukhombisa ukuthi kuyadingwana ngakho nobudlelwano bokusebenzisana kumele kube kuhle.
Izinguquko ezenziwe nasemoyeni kwiGagasi, zikhombisile ukuthi isiteshi ngesaKwaZulu-Natal ngempela. Empeleni kumele zibuyise ithemba kubantu nabasakazi abasakhula ukuthi likhona ithuba lokufinyelela esicongweni.
Igagasi lilande uPenny Ntuli noSizwe Ntuli abebeseziteshini zomphakathi. Abasakazi abalandwa kuzo nabo futhi abaqala ezinhlelweni zasebusuku sebengena bayagamanxa kwezasemini.
Kube kuhle ukuthi isiteshi sithuthukise abasakazi abavele bengaphakathi kunokulanda abanegama. Ukuba negama akusho ukuthi abantu bazolulalela uhlelo lwakho kodwa yithalente elikhulumayo.
Bheka isiteshi esifana neYFM eGoli. Naso siyazikhulisela abasakazi bese besabalala beya nakwezinye iziteshi. NeGagasi kumele liziqhenye ngokuthi likhiqiza abantu abanethalente abaze babe yinyama kwezinye iziteshi.
IGagasi aliqhubeke nokuba nodlebe lwethalente ngoba nathi sizoqhubeka sililalele.
Ungangibhalela ku[email protected], kwiFacebook Fanele Bengu noma kwiTwitter Fanele Bengu.