SEBEQALILE ukuzwakala abasakazi abasha emisakazweni eyahlukene njengoba ziqale ngokusemthethweni izinguquko ngomhla ka-1 kwephezulu.
I-947 ngomunye wemisakazo ebonakalisa ukukhula ngesivinini futhi kulokhu iphume umkhankaso oncomekayo, itheza abasakazi abathandwayo nabanolwazi olunzulu kule mboni.
NgoMsombuluko, uMo Flava, okwavela ngeledlule ukuthi usejoyine le ntandokazi yaseGoli, ubonakalise injabulo yakhe efika ngosuku lokuqala kundlalwe umata obomvu wokumamukela.
UMo Flava ufike ngosuku lwakhe lokuqadla edle ephinki isudi, eyongena ohlelweni lwakhe i-#MoflavaOn947! oludlala phakathi kuka-9 no12 emini.
Omunye omangaze abaningi ngu-Ayanda Melansi oveze ukuthi useshiyile oKhozini wabuyela ekhaya elidala iGagasi FM.
Le ntokazi ijoyine lo msakazo ozinze eCornubia njengeContent Specialist.
Kubonakale kujabula umphathi woKhozi uNksz Sbongi Ngcobo, oncome uSiya Mhlongo naye obeqala ohlelweni Ubusuku Obuhle ngoMsombuluko ebusuku. UMhlongo oncelisa amawele ungene esihlalweni sikaNongcebo McKenzie.
USbongi ufake isithombe sikaMhlongo kuTwitter encoma indlela aluhola ngayo uhlelo lwakhe.
Omunye umsakazi obonise injabulo ngohlelo lwakhe olusha uKhutso Phaledi osethathe isihlalo ohlelweni luka 9-12 nsukuzonke kuMetro FM, ngonyaka odlule, uKhutso wayevusa abalaleli ekuseni kuwo lo msakazo ebambisene noMo Flava.
Abalaleli sebeqalile ukuyincoma le ntokazi ngendlela esebenza ngayo ikakhulukazi engosini ethi “Ask A Man” lapho abalaleli befuna izeluleko ngezinkinga zothando. Kule ngosi kukhona uSomizi noNaked DJ okuyibona abayiholayo.
Abalaleli bancome indlela uKhutso eyinikele ngokuphelele le ngosi kubantu besilisa ukuthi kube yibona abayidikadikayo njengokwesihloko sayo.
#BreakAwayWithKhutsoTheledi on @MetroFM, starting today weekdays 9AM-12PM!
— Khutso Theledi (@KhutsoTheledi) April 3, 2023
Thank you @METROFMSA for believing & blessing me with this incredible opportunity 🙏🏾 #AskAMan with @Naked_Dj & @somizi, @KgopediAfrika on news & super producer @GivenBaloyi_
🖤 Love you #AHiFambeni pic.twitter.com/46B0tDetGo