USHAYWA wuvalo omunye umsakazi osafufusa, odlulele emzuliswaneni wamanqamu emqhudelwaneni wokuhlonipha uWinnie Mahlangu kuKhozi FM. UNoxolo Buthelezi, owenza uhlelo lwantambama kwiNkandla FM, uthe ujabule wabuya nganeno ngesikhathi emenyezelwa njengodle umhlanganiso kuGroup B walo mqhudelwano.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu kodwa nginovalo, uma ngiphumelela kobe kuwukuqala koguquko empilweni yami.”
UNoxolo uthe njengomntwana kaNkulunkulu uyakholwa Wukuthi uMvelinqangi ube naye waze wafinyelela lapho esekhona.
Le ntokazi, efundela ubuthishela e-Unisa, ijoyine uMinenhle “Minimizer” Masondo weZululand 97.0 FM ohlabane kuGroup A.
UNoxolo esigabeni sakhe uqumbe phansi uNombuso Tembe weRise FM nomsakazi weVibe 94.7 FM, uPrincess.
*Kuleli sonto kuqhudelana umsakazi weRadio Sunny South uZama Mseleku, owe-Impact FM yasePitoli uZinhle Xulu noZama Mncwango.
Ukuvotela uZama Mseleku uthumela iSMS ebhalwe ukuthi Winnie A, uZinhle ebhalwe ukuthi Winnie B bese uZama Mncwango ebhalwe ukuthi Winnie C ku-33665. Ukuvota kugcina kusasa ngo-3 ntambama.