UKUHAMBA komuntu owenzisisayo umsebenzi wakhe akuyona into encane ngoba ukuvala isikhala sakhe akujwayele ukuba lula.
Lapha ngikhuluma ngokuhamba kukaDokotela uNomcebo Mthembu kwiGagasi FM ngemuva kweminyaka cishe eyisikhombisa ekulolu hlelo. Udokotela ufike kwezwakala ohlelweni olukhuluma zonke ezithinta ezocansi, iSex Indaba, njalo ngo-7 ebusuku ngoLwesine.
Yena nomethuli wohlelo bese bezakhele igama nogazi kubalaleli kangangokuba uhlelo luze lwafakwa kuthelevishini kwiMoja Love. Kungenxa yokuthi ngaphezu kokukhuluma nabalaleli emoyeni, bebeluqopha bese belufaka ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kwenze nokuthi ababengazi ngeGagasi nangohlelo bazi noma ngabe bakuziphi izifundazwe ngoba amavideo abesabalala okomlilo wequbula.
Ngesikhathi kuthiwa udokotela usejoyina Ukhozi ngifikelwe wukuzibuza ukuthi ngabe kuzokwenziwa njani.
Nabanye khona eGagasini babenakho ukuzibuza. Kukhona nje umsakazi owangithumelela umyalezo ngokukhathazeka ethi, “Ukhozi FM seluthathe uDr Mthembu weSex Indaba.”
Njengoba esesoKhozini nje, ngike ngimuzwe ekhuluma noSiya Mhlongo ebusuku ngazo belu ezithinta ezocansi.
Kula masonto edlule ngike ngavula kwiGagasi ngifuna ukuzwa ukuthi ngabe uhlelo luqhuba kanjani. Phela uNomcebo ubesezakhele ugazi nangendlela achaza ngayo izinto namatemu awashoyo njengokuthi “untombizodwa” uma esho isitho sangasese sowesifazane.
Ngingasho ukuthi bakwazile ukusivala isikhala sakhe ngoba udokotela okhona manje, uShabalala, naye uzwakala enolwazi olunzulu ngazo izindaba zenkonzo yasekamelweni.
Indaba uyichaza ngokwemfundo namatemu akhona aphinde enze imizekelo eyenza kube lula ukuqonda akushoyo.
Ukuthi bakwazi ukuthola umuntu onjengaye kungenze ngabona ukuthi bakhona abantu abanolwazi olunzulu ngezihloko, inkinga ukuthi abazivezi. Ngike ngayisho le ndaba emasontweni edlule ukuthi abadidiyeli bagcina sebesebenzisa ongoti ababodwa ngoba kunzima ukuthola abasha. Abanolwazi nabo kumele baphakamise isandla baphumele obala.
Ngiyakuthanda okwenziwa yiNyuvesi yaKwaZulu-Natal yokuthi uma kunezinto ezinkulu bese ithumela abezindaba izinombolo zosolwazi bayo abangaphawula ngalokho okusuke kusematheni.
Lokho kugwema khona ukuthi silokhu sizwa ungoti oyedwa eziteshini eziningi. IGagasi lithole umuntu okahle kulolu hlelo.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu.