SITHUSE abaningi isitatimende esisabalale ezinkundleni zokuxhumana sokuthi inhlangano yezokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) isiqale uhlelo lwamalayisense omsakazo wezimoto.
ISABC isichithile, yathi le sitatimende singamampunge futhi ayikaze isishicilele.
Ngokwesitatimende esichithiwe futhi esine logo yeSABC, “inhlangano” ibimemezela ukuthi isiqala uhlelo lwamalayisensi emisakazo yayo ezimotweni.
“Kule minyaka edlule iSABC yehlelwe yimali eyiqoqa ngamalayisensi ethelevishini ngenxa yezinkundla ezifana neNetflix ezinyukelwa wudumo.”
“Thina njengeSABC sibheke ezinye izindlela zokungenisa imali. Ngaphansi kwesigaba esisha u-69 se-Telecommunications Act ka-1996, bonke abantu baseNingizimu Afrika abasebenzisa izimoto ezinemisakazo bazophoqeleka ukuthi bahlale njalo bephethe amalayisensi emisakazo yezimoto,” kusho lesi sitatimende.
“Lamalayisensi azobiza uR401 ngonyaka futhi kumele avuselelwe njalo ngonyaka ukuze ezosebenza,” kusho isitatimende.
Siqhuba sithi amaphoyisa eSouth African Police Service anamandla okuhlawulisa abangayiphethe ilayisensi imali efika ku-R750 noma izinsuku ezingu-90 ejele.
Isitatimende siphenduke indaba egudwini ezinkundleni zokuxhumana. KuTwitter abanye bebethi mhlawumbe yinto ehlelwayo.
U-Ayanda Xolani Nkosi uthe uyathemba ukuthi ngeke sibanikeze umbono.
UJimmy Whispers uthe bezwa amanzi ngobhoko.
“Ngisho ngabe siyiqiniso besizoniphendula njengakuma e-toll…ngeke sikhokhe,” kusho uTeddybrearAZ.
UMan Q uthe kumele basho uma kungukuthi sebeshintshe umqondo “ngeke sineNze lutho, nenze kahle nahoxisa isitatimende senu ngoba besingeke sikhokhe.”