OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, uzobuyela eNkantolo yeMantshi eRandburg, eGoli ngoMsombuluko lapho kuqhubeka khona icala abhekene nalo lokuphehla udweshu.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ngomthombo ongashayi eceleni ukuthi uNgizwe uzogqingqa ephindelela enkantolo kuze kube wuLwesithathu.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaNgizwe kayiphumelelanga. Kuleli sonto kulindeleke ukuba kucace ukuthi idlozi likaNgizwe ligida liyambheka, noma liyamfulathela njengoba kulindeleke kuphume isinqumo ngecala lakhe.
Nakulokhu kulindeleke ukuba atheleke nedlanzana labalandeli bakhe, izihlobo nabangani.
UNgizwe ungumsolwa wesine ukuboshelwa leli cala ngenxa yezibhelu ezibheduke KwaZulu-Natal naseGauteng ngemuva kwezikhalo ngokuboshwa kowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, ngoJulayi 7.
Kuthiwa uNgizwe uzibangele amazinyo abushelelezi ngokunqumela uMengameli Cyril Ramaphosa izinsuku ezintathu ukuba akhulule uZuma ejele laseMtshezi, lapho abelindeleke ukuba adonse izinyanga ezingu-15.
UPhiko lwezokuShushisa kuleli lutshele imithombo yezindaba ukuthi uNgizwe usolwa ngokugovuza abantu ezweni, ukuba basuse uthuthuva, ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba eGoli.
Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela eseThekwini, maqede icala lakhe ladluliselwa eGoli ngoJulayi 2021. Uke wabhadla esitokisini ngenxa yokuthi abezokushushisa bebelokhu bekuphikisa ukukhululwa kwakhe ngebheyili ngoba kusolwa ukuthi uyingozi.
Khonamanjalo uNgizwe usanda kuvulela abaholi beNkatha abaqavile nabayizimeya esifundeni iZululand ngoba ebasola ngokumsabisa nokumakhela itulo lokumbulala.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kunecala elivulwe nguNgizwe esiteshini saKwaNongoma kodwa eselidluliselwe esiteshini sasePhoenix, ukuba liphenywe kabanzi ngamaphoyisa akhona.
Khonamanjalo uNgizwe ubehlangene nobuholi be-EFF izolo ngezinhloso zokusebenzisana kumbhikisho wayo wangoMsombuluko kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungatholakalanga ukuthi kuvunyelwane ngani.