NGIKHOLWA wukuthi akekho umsakazi ongafuni ukukhula emsakazweni enze izinhlelo ezithathwa njengezinkulu.
Labo abangena ebusuku noma abangena ngempelasonto, iphupho labo ukugcina sebengena kulezo ezidlala phakathi nezinsuku. Kukhona nje ebengikhuluma naye, usemdala emsakazweni kepha uthi into esayisilonda kuye ukuthola uhlelo oludlala phakathi kuka-6 ekuseni no-6 ntambama.
Omunye osebenza kwesesifunda uthe yena into ayifisa kakhulu ukungena esiteshini esidlala ezweni lonke noma ezifundazweni eziningi.
Kuyenzeka uthi usufikile esiteshini esithathwa njengesikhulu kepha izinto zingahambi kahle, ushiye njengoba sibonile ngoMzokoloko eshiya kuKhozi FM muva nje, eya kwiVuma FM.
Ngibona izinguquko ezimenyezelwe yimisakazo ngesonto eledlule, ngabuka ukuthi kunabasakazi abangakhombisi ukukhula.
KuKhozi FM nje, kunoThokozani “MaFresh” Mpungose olokhu wafika, ungena ebusuku. Abanye babalandeli bakhe bake babhale lapha ephephandabeni, bemncoma kepha kubonakala ngathi abaphathi abakuzwa lokho.
Mhlawumbe naye uMaFresh kusamele azinuke amakhwapha ukuthi inkinga ikuphi? Ngale kwalokho kumele aye kubaphathi bakhe, ikakhulu owezinhlelo, ukuyozwa ukuthi ngabe ikuphi lapho engenzi kahle khona? Vele kunohlelo olubizwa nge “snoop session” lapho khona umphathi wezinhlelo ehlangana nethimba lohlelo ukuzwa ukuthi luhamba kanjani naye futhi asho ukuthi yikuphi lapho abenza kahle noma okunele balungise khona.
UMaFresh ubesebambe uhlelo olwashiywa nguMzokoloko iParty Yomhlaba ngo-9 ebusuku ngoMgqibelo, kepha waphinde waphucwa kwanalo. Usengena kabili; ezintatha ngo-12 kuya ku-3 ngoLwesihlanu nangoMgqibelo. Mhlawumbe zonke lezi zinto zokuthi azibize nge“Bhari YaseNatal” azisebenzi, kumele aziyeke.
Buka nje kwiMetro FM, uNthabeleng “Mat Elle” Matela usuka ekungeneni ezintatha ngezimpelasonto wasondela, usenikezwe uhlelo lwango-6 kuya ku-9 ekuseni.
Bakhona nabanye abadlondlobalayo kepha kunabanye okubonakala ngathi bagida ndawonye. Okubalulekile, ukucela ukuzwa ukuthi kumele balungisephi.
Izinguquko zoKhozi FM neMetro FM ziyathembisa impela, sengijahe kabi ukuzizwa ukuthi zizohamba kanjani ngibone noKhozi FM TV.
Ungangibhalela [email protected], kwiTwitter @fanelebengu noma kwiFacebook Fanele Bengu.