‘NGESINYE isikhathi bengilala namantombazane amane ngosuku futhi kungabi ndaba zalutho.”
Usho kanje umculi wekwaito uThokozani “Tzozo” Zulu emcimbini, i-Articulate Africa Book and Art Fair, ebise-Exhibition Centre, eThekwini, eqale ngoLwesine kwaze kwaba uMgqibelo.
UTzozo uveze ukuthi yena ungomunye wabantu besilisa abathanda ukuba sothandweni namantombazane amancane.
Ubekhuluma ngaphansi kwesihloko esithi Blessers, lapho bekulindeleke ukuthi kufike usaziwayo wakuleli uKhanyi Mbau, ogcine engafikanga.
UTzozo nentokazi engumbhali wencwadi ethi Bare uJackie Phamotse, yibona abavule izifuba ngempilo yabo. “Ngiwumuntu wesilisa othanda izintokazi ezisencane futhi ezibukekayo. Ngiyiphilile impilo lapho ngilala khona nabesifazane abaningi ngobusuku obubodwa futhi ngingayiboni inkinga. Bengiqeda ukungena komunye ngibuke omunye, ngiye kuyena ngilale naye, uma nje sengibona omunye ngimhalele ngiye kuyena,” kuchaza uTizozo.
Uthe njengoba kukhulunywa ngalesi sihloko kumthokozisile ukubamba iqhaza kuso njengoba eyichithile imali kubantu besifazane ebenzela izinto ezihlukene.
“Kukhona omunye wesifazane owangitshela ukuthi useyitshitshi, ngamthanda ngaze ngayeka engangimlobola. Lowo muntu wesifazane ngangimenzela yonke into, ngimthengela nokudla.
Kwaphela iminyaka emithathu singalali mina naye kodwa ekugcineni ngaphoxeka esethi ukhulelwe. Akukho okuholela owesilisa ekutheni anikele ngemali kwabesifazane njengoba besuke befuna izinto ezifana nezinwele, ubakhokhele imali yokuhlala lapho beqashe khona, kwesinye isikhathi bajabulela ukuhamba nathi imicimbi bese sizithola sesilala nabo,” kuchaza uTizozo.
Ukukhuluma kukaTzozo kuvuse imibuzo eminingi egcine ingaphendulekanga njengoba kuphele isikhathi.
UJackie, umgxekile uTzozo ngalesi senzo, wathi akakhombisi ukuzisola. Naye uxoxe ngokuthandana nabesilisa abadala ngenxa yokufuna imali.
Yize le ntokazi isiyayiyeka le mpilo kodwa ikuvezile ukuthi yayingelula futhi ayifuni ukuphinde iyiphile.