IZIHLABANI zomculo kamaskandi, Abafana BakaMgqumeni, zithole ingqayizivele yethuba lokuyomela iNingizimu Afrika neKwaZulu-Natal kwindumezulu yomcimbi wamasiko amazwe ngamazwe i2018 Festival Kreole-Laserenade International de Victoria eSeychelles eqala ngo-Okthoba 23.
Umcimbi ozothatha izinsuku eziyisithuba uzokuba seziqhingini ezintathu okuyiMahe, Preslin neLa Dique.
Umholi waBafana BakaMgqumeni, uNelisani “Undlemnyama” Mseleku uthe bazofulathela iNingizimu Afrika ngo-Okthoba 25 sebelibangise eSeychelles.
“Sizonandisa emicimbini emibili ngo-Okthoba 26 nangomhla ka-27 bese sibuya ngomhla ka-28,” kusho uNdlemnyama.
Umcimbi ozophela ngo-Okthoba 29, wasungulwa ngo-1982 kodwa wagcinwa usubizwa ngeFestival Kreole ngo-1985.
Umgubho unezithameli nezihlabani zamazwe ngamazwe okukhona nezisuke ziliqhamukisa eFrance, Brazil nase-USA.
Abafana BakaMgqumeni yiqembu elasungulwa yizinsizwa ezazisebenza nengwazi kamaskandi engasekho uMgqumeni “Ibhova LikaDikadika” Khumalo, owasishiya emhlabeni ngoDisemba 19, 2009.
Iqembu selizuze okuningi emculweni kusuka ngonyaka owedlule.
Liqale ngokuzuza iGold Disc ngokudayisa amakhophi angaphezu kuka-16 000 nendondo yeBest Maskandi Gospel kumaSABC Crown Gospel Awards nyakenye, kwathi kulo nyaka lahlabana ngeyeBest Maskandi Album kumaSama neyeBest Maskandi neyeBest Male Group kumaSatma Awards kulo nyaka.
Abafana BakaMgqumeni bazobe bengaqali ukumela elakuleli njengoba phakathi nonyaka bekade benandisa emicimbini yeSoccer World Cup ebiseRussia.