BASEBUMNYAMENI abaculi abasesitebeleni sokuqopha umculo iMabala Noise, ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi kuphelile ngale nkampani.
Amaphephandaba angeSonto adalule ukuthi isikhulu sale nkampani, uReggie Nkabinde, sigcine siyilaxazile ngoba sesifuna ukugxila kwipolitiki.
Muva nje umrepha wesifazane, uGigi Lamayne, ulaxaze le nkampani wajoyina i-Ambitiouz Records. Kube sekuvela nokuthi noNasty C ushiye isigubhukane wajoyina i-Universal Music.
Abaculi abasayine kulesi sitebela baveze ukuthi akukho abatshelwe kona nabo bafunda emaphepheni ngokwenzeka eMabala.
UZakwe uthe akukho atshelwe kona ngoba ne-albhamu yakhe entsha uzoyikhipha kulesi sitebele.
“Ngizokhipha i-albhamu yami yesithathu ngePhasika esihloko sithi Cebisa. Nasekupheleni kwale nyanga ngizokhipha iRemix yengoma yami ethi Sebentini kwiMabala Noise, bengingakezwa lutho ngoshintsho olukhona,” kuchaza uZakwe.
UThokozani Langa, naye okule nkampani, uhambe emazwini kaZakwe wathi basalinde ukuzwa kubaphathi babo.
“Bengingakezwa lutho, ngokwazi kwami ngisekule nkampani. Sizolinda sithole izinkulumo eziqondile kubaphathi mayelana nokumele sikwenze kodwa okwamanje bengisasebenza ngemiyalelo yenkampani,” kuchaza yena.
UL'vovo uthe naye ubengakezwa lutho.
USkhulile Nzuza, okhulumela iMabala Noise, uthe okwamanje akukho okuzoshintsha kule nkampani abaculi basazoqhubeka basebenze ngendlela ejwayelekile.
“UReggie kuphela ohambile kodwa umsebenzi usazoqhubeka. Abaculi basazoqopha kwiMabala ngakho-ke amaphaphu awehle,” kuchaza uSkhulile.
Uthe nodaba oluthinta uNasty C, okuvele ukuthi usesayine enkampanini yaphesheya kwezilwandle, luyiqiniso.
“Yize esesayine ngaphansi e-Universal Music kodwa usekwi-Mabala Noise njengoba kukhona ubudlelwano bokusebenzisana,” kusho yena.