SELUSAYINWE ngabantu abangaphezulu kuka-1 850 uhlu lwezikhalo zabantu ngokukhishwa kwesilomo somsakazi, uJustice “Just-Ice” Ramohlola ohlelweni lwasekuseni kwiRadio 2000.
NgoMsombuluko phakathi kuka-6 kuya ku-9 ekuseni abantu bavuswe yiphimbo likaNonala “Nala” Tose esikhathini obekujwayele ukuzwakala ngaso uJust Ice.
UJust Ice ubethula uhlelo iPlanet Haaibo njengoba manje sekungena iBreakfast with Nala.
Okhulumela iSABC, uVuyo Mthembu, ukuqinisekisile ukuthi uNala nguye oseshayela uhlelo.
“Isiteshi asikakalukhiphi uhlu lwaso lwezinguquko. Angazi ukuthi sizolikhipha nini kodwa uNala nguye oseshayela uhlelo,” kusho uVuyo.
Uthe akukho azokuphawula ngezikhalo zabantu ngokukhishwa kukaJust Ice.
Lolu luhlu olukwi-website ethi www.change.org kuvela ukuthi luqalwe nguPhelisile Cengani.
Ukhala ngokuthi abalaleli abaneme ngezinguquko ezenziwe eSABC, ikakhulu ukukhishwa kukaJust Ice. Uthe osekuqala ukujwayeleka ngalezi zinguquko wukuthi zincike entandweni yabanye babaphathi ziteshi.
UNONALA Tose osethula uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiRadio 2000
“Abalaleli nomphakathi babonile kuhlaselwa abanye abasakazi njengoRobert Marawa owaxoshwa eSABC ngenxa yokuthanda kwabanye abaphathi.”
Uthe abalaleli bagxeka izinguquko ngenxa yokuthi kumele kwenziwe ucwaningo kuqala futhi kubikelwe abalaleli ngoba ziyafihlwa.
Uthe iPlanet Haaibo ishaya emhloleni futhi iyaxhumana nabalaleli.
“Kumele kukhishwe izinkontileka zesikhathi eside futhi abalaleli kumele batshelwe kusenesikhathi ngezinguquko futhi kumele zibe neqiniso.”
Kuvele ukuthi ngemuva kokuthola ukwesekwa ngabantu ngokusayina, uhlu luzodluliselwa ezikhulwini zeSABC nekomidi lezokuxhumana.
Nasezinkundleni zokuxhumana abanye bazwakalisa ukungenami kwabo khona.
Phambilini kuke kwavela amahlebezi okuthi isikhala sikaJust Ice sizovalwa nguPhat Joe.
UClayson Monyela uthe: “Ngiyabonga ku-#JusticeRamohlola ngokupheka uhlelo lwasekuseni oluhamba phambili kuyona yonke iminyaka. Uhlelo lwakho i #PlanetHaaibo lokugcina lusho ukuphela kohambo lwami ne @Radio2000ZA. Abaphathi besiteshi bazozisola ngokufaka uPhat Joe esikhaleni sakho. Isinqumo esimbi. Uhambe kahle Iceman.”
Nabanye bathe sebeyasishiya lesi siteshi. Yize kunjalo kodwa kukhona abathe bazoqhubeka nokulalela ngoba ulwethula ngendlela yakhe.
UNala kuvela ukuthi akamusha kwezokusakaza njengoba ubekwi-5 FM phambilini esho isimo somgwaqo futhi uke wayibamba nakuMhlobo Wenene.
UJust Ice kuvela ukuthi useyibamba ebusuku kusukela ngo19.30 kuya ku-21.00.