BAHLUKANA nemali efinyelela kuR100 000 abesifazane baseNingizimu Africa abakhulisa izinqa ngenxa yenkinga yezishwapha.
Lokhu kuvezwe ungoti wesikhumba waseKapa, uDkt Dirk Lazarus ngesikhathi echaza ukuthi ukukhulisa izinqa kubiza imali eshisile.
Uthe ukusabalala kwembiko yosaziwayo abakhulisa izinqa okubalwa ikakhulu uKim Kardashian ezinkundleni zokuxhumana kuholele ekutheni abesifazane bakuleli nabo bakulangazelele.
Ukukhuliswa kwezinqa okubizwa ngeBrazillian butt lift uthe kubiza imali esukela kuR75 000 kuya kuR100 000.
Uveze ukuthi kuthathwa amafutha kwezinye izingxenye zomzimba, afakwe ezinqeni ukuze zigcwale.
Umculi wekwaito uMshoza (Nomasonto Maswanganyi) usanda kuba sematheni ngokuba ngomunye owakhulisa izinqa.
UMCULI wakuleli obe sematheni ngemuva kokudalula ukuthi naye wazikhulisa izinqa zakhe
ULazarus uthe abesifazane abasebancane abakhulisa izinqa, okuyinto ethatha amasonto amathathu, ngemuva kokubona osaziwayo ababathandayo bekwenza ngempumelelo.
Uveze ukuthi yize abantu bekwenza kodwa kumele bazi ukuthi kungaba nobungozi obukhulu ngesikhathi echazela iBusiness Insider South Africa.
Isitatimende esakhishwa inhlangano yodokotela besikhumba e-America sithi kulo nyako oyedwa kwabangu 3000 abakhulise izinqa, uyashona uma amafutha afakwa kuye, efakwe endaweni okungeyona.