BABUYELENE uBabes Wodumo noMampintsha obesekuphele izinyanga ezimbalwa behlukene.
Lokhu kuqinisekiswe wumthombo othembekile osondelene nalaba baculi, oze waveza ukuthi uBabes useke wavuka ngisho kwaMampintsha eWestville, izikhawu eziningi.
Ngempelasonto yeVodacom Durban July kuthiwa lezi zithandani bezilokhu zilandelana kuhle okwamajuba, kucaca bha ukuthi zisothandweni.
“Abakaze bahlukane. Wukuthi uBabes useyingane. Uma bexabene uyahamba abuyele kubo kodwa abuye ayolala eWestville.
“Babuyelene lokhu okungacacile. UBabes ngizwe kuthiwa uzoya eGoli kwiLive Amp kodwa ubehleli khona eWestville,” kusho umthombo.
Umthombo ukhuluma kanjena nje, kubukeka sengathi igcine iphendulekile imikhuleko yalesi silomo somculo wekwaito uMampintsha, yokubuyelana nentandokazi yegqom’, uBabes Wodumo.
Kumangale abaningi ezinyangeni ezedlule kuvela ukuthi kuphelile ngothando obeluvutha amalangabi lwalezi zithandani.
UBabes wangenwa amanzi emadolweni ngesikhathi umsakazi weMetro FM, uMasechaba Ndlovu ebhadlaza emoyeni ukuthi uthwele kanzima othandweni lwakhe noMampintsha, owabe esemphendule ukudla kwenduka.
Lokhu kwaholela ekutheni kube noqhekeko kubo bobaculi. UMampintsha waze wacela ukuthi abantu babathandazise benoBabes, ukuze nesandla sesithathu ayesisola singaphumeleli ukubahlukanisa.
Ngokomthombo, nakwiDundee July eqhubekayo kule mpelasonto, lezi zithandani zibonakala ndawonye uMampintsha usehlala emsondeze eduze uBabes.
Kuvela lezi zindaba nje, kunamahlebezi athi uBabes ukhulelwe unezinyanga ezine futhi usegqigqa kudokotela eDurdoc Centre eThekwini.
Umthombo uveze ukuthi ubungakezwa mayelana nezinsolo zokukhulelwa kodwa unokuzwa uBabes ekhononda ngokukhuluphala nokuba nomkhaba ongamphethe kahle.
Imenenja kaBabes, uHlengiwe Mbambo ivumile ukuthi lezi zithandani ziyabonana, kodwa kusuke kumayelana nomsebenzi.
“Angikwazi ukuthi uBabes ukhulelwe. Ngeke ngaphawula ngento engingayazi. Kodwa ngokwazi kwami akakhulelwe. UBabes noMampintsha basabambisene ebhizinisini futhi abakaze babe yizitha. Yebo, bayahlangana,” kusho uHlengiwe.
Mayelana nokugqigqa kwakhe kudokotela, uthe akadingi uBabes
ukuchazela abantu ukuthi usuke eyokwenzani kodokotela.
“Kunzima ukuba ngusaziwayo, uBabes naye unalo ilungelo lokuya kadokotela njengawo wonke umuntu.
“Akwenza nodokotela njengomuntu, kuthinta yena kuphela,” kusho uHlengiwe.
NgokukaHlengiwe, kuningi abantu abangakulindela kuBabes, okubalwa nezingoma ezintsha nokunye asakuhlanganisa okubalulekile okudlula la mahlebezi.
UMampintsha ayiphumelelanga imizamo yokuthola uvo lwakhe mayelana nalolu daba, ucingo lwakhe belulokhu luvaliwe, nomqhafazo athunyelwe wona kwiselula yakhe, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakawuphenduli.
Ethintwa ubaba kaBabes, uMbongeni Simelane, uthe usadonswa ngendlebe wumndeni wakhe ukuthi angaphawuli lutho kwabezindaba.
“Sengiyazikhetha izintatheli engikhuluma nazo ngoba ngifike nginitshele into bese nibhala okunye.
“NoBabes sebengivalile ukuthi ngiphawule ngezindaba zabo. Ngiyanicela ngomoya wepulipiti nikwamukele lokho,” kusho uSimelane.
UBabes kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engalubambi ucingo lwakhe.