UZALO
KuSABC1 ngo-8.30 ebusuku
UMUMSY ususa umsindo phakathi kukaMastermind noThobile. UMaNgcobo uzama ukulungisa ubudlelwano bakhe.
UMastermind udidekile sekumele akhethe phakathi kukaThobile noMumsy. UQhabanga uqinisekile ngokufa kukaNkunzi. Ziyakhula izinsolo zikaPastor Mdletshe.
Izelamani ziyaxabana. UFikile uzinikele emcimbini okumele awenze yize engasekwa wuSbu.
RHYTHM CITY
Ku-e.tv ngo-7 ebusuku
UKUXAKEKA kukaMzi efuna kuphele amanga phakathi kwakhe noPearl kwenza enze izinto ezixakayo futhi amacebo akhe awaphumeleli. ULungile ushayanisa ngamakhanda uBongani nomculi * -Artist Y. UMapula uzama ukulungisa izinto phakathi wakhe noMelusi. USuffo uthatha isinqumo sokuthi uDavid aphumelele ngenxa yokucabangela umndeni wakhe.
UMzi uthatha isinqumo sokutshela uPearl iqiniso. UMelusi uyobheka uPuleng. UJesse uzithola engena kwingxabano kaBongani no-Artist Y’s.
MUVHANGO
KuSABC 2 ngo-9 ebusuku
UGUGU uthatha isinqumo sokusiza uMfu Max alungiselele intshumayelo yakhe. UMeme uyadinwa futhi uyafunga ukuthi uzobuyela esitheni sakhe. UMulalo ufuna ukwazi owesifazane oshadile u-Azwindini athandana naye. AbaVhakwevho babona ukuthi isitha sabo esidala kungenzeka sibuye sizobahlupha futhi. UTeboho uyajabula ethola ngothando luka-Azwindini noLivhuwani.
SCANDAL!
Ku-e.tv ngo-7.30 ebusuku
INDODAKAZI ivikela isinqumo sikayise kodwa sekukhona ukungamethembi. Owesifazane osemncane unokukhathazeka ngokuqala ukuthandana nothile.
URomeo usebenza ngisho sekukhona okungahambi kahle emzini wakwaLanga futhi kukhona ingozi emcathamelayo.
Owesilisa othembekile kumkakhe uchitha imibiko engemihle futhi usondelana kakhulu nenkosikazi yakhe.
Umama nendodakazi yakhe bayazibuza ukuthi amanxeba amadala namasha ayoke aphole yini. UMlungisi (Patrick Mofokeng, osesithombeni) welulekwa ngumuntu angambhekile.
THE RIVER
Ku-1Magic ngo-8 ebusuku
UNomonde usukuma uyazithatha futhi. ULindani uzama ukwamukela impilo yakhe entsha nenkosikazi yakhe. UTumi uphula inhliziyo kaZolani futhi. UPaulina ukuthola kunzima ukwamukela ukuthi uLindani usemshiyile uRefilwe. UNomonde uhlanganisa icebo lakhe lokuqeda ngoLindiwe. Kodwa ngabe uzophumelela? ULindiwe ubulala isitha esiyingozi. UPaulina uqala uphenyo.
ISIDINGO
KuSABC 3 ngo-7 ebusuku
UMorongwa ubhekene nokuqondiswa ubugwegwe kodwa kubukeka sengathi injabulo anayo izophela maduze. ULalage ukhombisa ukwedelela kuSeline, njengoba evala isivalo ekhuluma naye. UThabang uyazinikela ekukhuliseni indlu kababa wakhe. USeline uthola abengakulindele uma etshela uClive ngokuqasha uLalage. Izinto azihambi ngendlela afisa ngayo uThabang.
ISIBAYA
KuMzansi Magic ngo-8.30 ebusuku
USIHLE noNgwebedla bakhuluma ngezinsolo ezinkulu ngabakwaZungu. UQondi (Jessica Nkosi, osesithombeni) uyadiwa ebona ukuthi bekuqanjwa amanga iminyaka eminingi. USamson ukhathazekile ngomzukulu wakhe, noMandla ucabanga ukuthi indodakazi yakhe inezinkinga ezithinta abesilisa. US’bu noThandeka banokwesaba okukhulu. UQondi uvakashelwa umuntu angamlindele ebusuku. UNgwebedla uthola umklomelo kodwa hhayi abewulindele.
GENERATIONS: THE LEGACY
KuSABC1 ngo-8 ebusuku
UZONDIWE uyathuka uma ezwa ukuthi uTshidi uhlela ukubulala. Izinhlelo zokugaxelisa uJack azihambi ngendlela.
Kumphula inhliziyo uGog’Flo ukuvalelisa kuGetty wakhe amthandayo. Uhlelo lukaGadaffi alusebenzi, ngabe usezokwenzani manje? Uthando lweselula kuLesedi lushintsha indlela ayiyona. UJack uveza imfihlo ngethemba lokumangaza uMazwi.
THE QUEEN
KuMzansi Magic ngo-9 ebusuku
UGRACIOUS ulwa kanzima ukugcina uMmabatho ekude noShaka. UMmabatho wenza isinqumo esinzima ngempilo yakhe. UMamiki udlulela komunye uma uRoy emjikela.
UShaka usabisa ngokukhuluma imfihlo engacekela phansi uGracious. UMmabatho umisa umshado futhi noCleo uthola ukuthi uMamiki ukhulelwe. AbakaKhoza banesizathu sokuthi bathokoze. Imfihlo kaMamiki iyaphuma.