ANGENISILE amashiya amakhulu kodwa kubalulekile ukwenza abukeke ngendlela. Abezimonyo zakwa-Elle banikeza amathiphu okudweba amashiya kahle ngendlela yesimanje yokuwenza abe makhulu. Okudingayo yiBrow pen, Brow wiz neClear Brow Gel.
- Uqala ngokuwakama ukuze ubone lapho kumele uvale khona izikhala.
- Wakale ukuthi ipeni kumele lihambe kuphi ukuze ungageji.
- Sebenzisa iBrow wiz ukuvala izikhala emashiyeni.
- Sebenzisa iBrow pen ukugcwalisa amashiya ukuze abe makhulu alingane, udweba kusuka phakathi nesiphongo kuya emsileni weshiya.
- Gcina ngeClear Brow Gel ukuqedela ukwandisa amashiya, uwakame ukuze agqame kahle.