SEKUSABALELE amahebezi okuthi zizowushaya maduze kumlingisi woZalo, uKhaya Dladla, okuthiwa usethembise umshado nowesilisa wase-Avoca, eThekwini.
Kuvela ukuthi uKhaya odume ngelikaGC uzobopha ifindo likasofa silahlane noSbusiso Msomi odume ngelikaSbu.
Kuthiwa lezi zithandani zithembisane umshado emasontweni adlule.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni uveze ukuthi uSbu ushiye phansi isoka lakhe elidala ngenxa yokuthando olusha oluvutha amalangabi noKhaya.
“USbu ubesethandane nomunye wesilisa iminyaka nagcine ngokuthi amshiye ngoba esezifela ngalo mlingisi. Ngendlela abathandana ngayo oSbu noGC akukapheli nonyaka kodwa sebefuna ukushada,” kuchaza umthombo.
Uqhube ngokuthi isoka likaSbu elidala lisele nenhliziyo ebuhlungu ngemuva kokulaxazwa phansi lingalindele.
“Bamatasa balungiselela umshado omkhulu kodwa leyo ikhulunyelwa phansi njengoba uKhaya kuvele ukuthi akafuni kwazi muntu ngalolu daba. Ngisho abangani bakhe akakabatsheli lutho oluthinta umshado, konke ukwenza naye uSbu,” kuchaza umthombo.
Uthe uKhaya kuyimanje uhambela phezulu njengoba esefake indandatho yesethembiso.
“Ubobheka ngisho ku-Instagram kaSbu uyazifaka izithombe zikaKhaya kodwa wenza sengathi bangabangani akukho lutho phakathi kwabo,” kuchaza yena.
Isolezwe lithinta uSbu uvele wathi ngeke akhulume ngalolu daba njengoba luphakathi kwabo futhi luyimfihlo.
“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolo daba, ngiyaxolisa,” kusho uSbu.
UKhaya uvele waphela insini ngesikhathi ethintwa ngalolu daba wathi akamazi kwalowo wesilisa okukhulunywa ngaye.
“Hawu bakithi abantu bangifisela izinto ezinhle kangaka. Angiyazi ngempela eyomshado. Kudlalwa ngani,” kusho uKhaya.