YACASULA abazali bayo iyeka umsebenzi wasebhange intokazi esingene shi emculweni nephinde ibe ngumsakazi, uMs Cosmo, okhiphe icwecwe lakhe lokuqala ngeledlule.
Le ntokazi ogama layo langempela nguNonqaba Nozuko Rwaxa, ongowokuzalwa eGoli uthi abazali bakhe badinwa kakhulu ngesikhathi ebatshela ukuthi uyawuyeka umsebenzi ufuna ukugxila emculweni nokuba uDJ.
Ngeledlule ukhiphe icwecwe elithi Connect ngaphansi kwenkampani yakhe aqopha kuyo iMs Cosmo Production.
“Umama waqala wangihleka ecabanga ukuthi ngiyadlala. Kodwa wakhathazeka esebona ukuthi ngempela umsebenzi ngiwuyekile sengihlezi ekhaya. Ubaba yena wangitshela ukuthi ngingalinge ngifune imali yakhe ngoba bazamile ukunginika isinkwa kodwa ngadlala ngesikhathi nomsebenzi,” kusho uMs Cosmo.
Uthe wahlala isikhathi esincane ekhaya ngemuva kokuyeka umsebenzi, wabe esehambela izindawo zobumnandi edlala njengoDJ.
“Babona abazali bami ukuthi kuyasebenzeka baqala bangeseka nokwangigqugquzela kakhulu. Ngasebenza kanzima ngagcina ngokungena emsakazweni,” kusho yena.
Uthe uwuthanda kakhulu umsakazo njengoba esebenza esiteshini somsakazo esizinze eGoli, i-5Fm.
“Ngiyawuthanda nomculo kodwa umsakazo ngiwuthanda kakhulu. Ngijabule kakhulu ukuthi ngigcine ngilikhiphile icwecwe lami nelikhombise ukuthandwa ngabaningi, nakweminye imisakazo bayalicela,” kusho yena.
Uthe ubethukile njengoba ubengazi ukuthi abantu bazolamukela kanjani leli culo kodwa ukhululekile ngemuva kokubona ukuthi lithakaselwe ngabaningi.
“Ziningi izingoma engizimisele ukuzikhipha ngoba ngibonile ukuthi abantu bangithandile, okungijabulisa nakakhulu ukuthi nasezindaweni zobumnandi uma ngisebenza khona sengizodlala ingoma yami hhayi ezabanye. Ngibonga kakhulu kuNasty C, Rouge noKwesta engisebenze nabo,” kusho yena.
Uthe usezi-nhlelweni zoku-shutha i-video ahambele nama-dolobha ahlukene eqhaka-mbisa umculo wakhe.