KUQUBUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko emini ngemuva kokubonakala kwamaciko ase-Afrotaiment engaphansi kukaDJ Tira kwi-video ekhuluma ngoBabes Wodumo noMampintsha bebasola ngokuhlohlana okubhedayo.
Kule video okukholakala ukuthi iqoshwe ngonyaka ophelile, kubonakala izintokazi ezingaphansi kwe-Afrotainment, uTipcee noDJ Cndo, bekhuluma ngamaciko eWest Ink, uBabes noMampintsha, nelungu leBig Nuz uDanger.
UTipcee kule video uqale azwakale engathi usola uBabes noMampintsha ngokuhlohlana ngaphambi kokuthi bagxile kuMampintsha noDanger.
"Bengingazi ukuthi unenhliziyo embi kanje ulontuzana..." kusho uTipcee.
"UMampintsha?" kubuza uCndo
"Bengithi uDanger..." kuphendula uTipcee
"Weeeeh udevil (sathane) wokugcina ke lowo" kusho uCndo, inkulumo yakhe ezwakala ibhekiswe kuMampintsha.
"Sengizwa kuthiwa hhayibo washo okuwuyena ngqo," kusho uTipcee evumelana noCndo.
Le video ifakwe uMampintsha ekhasini lakhe kuFacebook ihambisana nombhalo oshiye abaningi bekhexile futhi bezibuza beziphendula ngokuthi kwenzakalani ngobudlelwano bezaseWest Inki nezase Afro.
"Usathane wangempela yilowo owakhe omunye. Abantu abanecala ibona abakwahlulela kuqala. Akekho umuntu oshesha ukukubiza ngamagama njengomuntu omsizile ukuthi azakhele igama..." kuloba uMampintsha.
Ekhasini lakhe ku-Instagram uCndo ubonakala kwiVideo yabukhoma (Live Stories) ethi "uthi wangakha, wena wakha mina? uyanya."
UBabes naye ubengazibekile phansi njengoba eyifake ekhasini lakhe kutwitter le video ihambisana nombhalo osususiwe.
"Abantu bayahleba ngami noMampintsha bathi siyahlohlana. uDanger bamqedile yena. Uma uyiciko uyawuvala umlomo," kusho uBabes.
- Udaba olusaqhubeka