ABAZISOLI ngokusebenzisa iningi labalingisi abasha abasunguli bomdlalo iDiepcity, njengoba namhlanje begubha impumelelo yokuhlanganisa iziqephu ezingu100.
IDiepcity ikhonjiswa kuMzansi Magic (161), ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo8.30 ebusuku.
Lo mdlalo kuyimanje ubambe indawo yesithupha ezinhlelweni zakwaDStv ngokuba nababukeli abangu-859 579.
Lo mdlalo okhiqizwa inkampani kaMandla N, iBlack Brain Pictures, ukhombisa ngempilo yabantu abahlala emijondolo yaseDiepsloot, eGoli.
Ugxile kakhulu kwabesifazane abane abasebancane nokwaphoqeleka ukuthi bangene ebugebengwini besafunda isikole.
Manje sekunzima ukuthi bashintshe impilo njengoba befuna ukungena emkhakheni webhizinisi, kodwa isihlava sobugebengu silokhu sibalandele njalo.
UMpumelelo Nhlapho ongomunye wophrojusa balo mdlalo uthe, kusuka lo mdlalo uqala ngo-Ephreli ungena endaweni yeSibaya wathandwa abantu abaningi bakuleli.
“Indlela esaveza ngayo ukuthi emphakathini wakuleli kahle hle kuphilwa yiphi impilo yikhona okwenza abantu bawuthanda lo mdlalo. Izinto ezithinta izimfihlo zemindeni, uthando, indlela yokuziphindiselela kubantu abake baba nokungezwani kanye nenkolo yikhona okusiholele lapho sikhona manje. Iziqephu zokuqala nje ezingu100 sizenze ngenjongo yokuveza izinto ezenzeka emiphakathini esiphila kuyo esingayishiyanga indlela eveza ukuthi abantu abasebenzi bagxile ebugebengwini ukuze baphile futhi nabantu besifazane bayahlukunyezwa,” kusho uNompumelelo.
Uthe okunye abaziqhenya ngakho ukusebenzisa abalingisi abasha kulo mdlalo nokuyinto abangazisoli ngayo.
"Bafike benza izinto ezibukwayo befika nje kule ndima. Asingabazi ukuthi sebephumelele futhi izinkakha zababhali bemidlalo ehlukene sebeyafisa ukusebenza nabanye babo. Ubani nje kulo mdlalo ongakhohlwa uthando lukaKhelina noRingo obelunezigemegeme. Impilo ephilwa izintokazi ezaziwa ngamaWrongturn abanye baziwa ngamakholwa kodwa ebusuku bayizigebengu ezishiya kukhalwa, ngakho asikaqedi lukhulu luyeza njengoba lo mdlalo usaqhubeka,“ kuchaza yena.