KUHLUKANE imibono kutholana phezulu owayenguNdunkankulu waseWestern Cape uNkk Helen Zille nomculi ohlonishwayo kuleli uDanny K, esola abantu abamhlophe kuleli ngokuziba indaba yokuthi bahlomula ngobandlululo kuleli.
Indaba isuswe umbhalo kaDanny enkundleni yokuxhumana iTwitter enxusa abantu abamhlophe ukuthi bavume ukuthi basadla izithelo zomlando wakuleli wokucindezelwa kwabantu abamnyama.
“Kuyangishaqa kakhulu ukubona ukuthi abantu abamhlophe eNingizimu Afrika abanazwelo kanjani. Awudingi ukuthi ube ngusiyazi ukuze uqonde ukuthi sazuza ngokucindezelwa kwabantu bohlanga kuleli. Asikuvume lokhu, sikubungaze bese siyakhokha ngakho,” kusho uDanny K kuTwitter.
UZille ube esephendula lo mculo ngokuphawula ngokuqala ngokumcebisa ukuthi udinga amakilasi okukwazi ukubhala amagama ngendlela eyiyo (spelling).
I'm totally bewildered with the lack of empathy shown by many white South Africans. You don't need to be woke to get that for the most part we have benefited from the marginalisation and exclusion of people of colour. Own your priveldge, appreciate it and pay it forward 🇿🇦
— Danny K (@dannykmusic) March 8, 2019
“Uma uHelen Zille eseziba isikhalo sami ngokuthi kukhulunye ngokucwaswa kwabantu kuleli avele anake isipelingi sakho, ngempela!?’ kuphendula uDanny K
UZille umphendule wathi ungomunye wabantu abahlezi belwa nokucwasana kuleli.
“Ngihlezi ngilwa nokucwaswa kwabantu kuleli, kuzo zonke izinhlaka. Ngihlezi ngikwenza lokhu. ‘Ipolitiki yobuhlanga’ (ebuka abamhlophe njengengembangela yazo zonke izinkinga kuleli) iyingxenye yalesi sifo (sokucwasana). Abantu abaningi abamhlophe engizimatanisa nabo.
Ngemuva kwale nkulumo mpikiswano abantu bashiye imibono yabo abaningi beseka uDanny K kulolu daba.
Thank you for all the support - black, white and everyone in between. Reflection , ownership and an honest dialogue is desperately needed to bring us together. This is the South Africa I envisage, this is the South Africa I am committed to fighting for.
— Danny K (@dannykmusic) March 11, 2019
We - the black delegation would like to trade Mmusi Maimane for Danny K. Thank you! pic.twitter.com/A2O90ro2WJ
— Papa Wa Dineo (@MphoAbrams) March 12, 2019
I think you are moving in the wrong circles. Most white people I know care about their fellow South Africans. As for compensation they are doing it every day by paying exorbitant taxes that are wasted by ANC misrule. B-BBEE is in fact the new injustice to all.
— MP Anton Alberts 🇿🇦 (@AntonAlberts) March 11, 2019
Dan, continue with your leadership.
— Make_Room (@MelissaJacobs12) March 11, 2019