MBALI KHANYILE
KUGQUGQUZELWE abantu abanekhono lokuloba izincwadi ngokuzinikela ekubhaleni ngemilando yesintu emcimbini wokukhuthaza ukufunda i-International Day of Literacy obuyizolo enkundleni yezemidlalo eBluff, eThekwini.
Lo mcimbi ohlelwe yinhlangano ebhekelela ukuthuthukiswa kwamaciko nabalobi bezincwadi, iGcinamasiko Arts and Heritage Trust eyasungulwa wuqweqwe lwembongi ephinde ibe ngusonkondlo, uGcina Mhlophe, ubuhanjelwe ngababhali abahlonishwayo endimeni yezokuloba kanjalo namaciko emisebenzi yezandla. Imisebenzi yamaciko abekhangisa ngamakhono awo bekuhlotshiswe ngayo ematafuleni abekule nkundla.
UGcina ovule uhlelo lomcimbi uthe inhloso yawo wukukhuthaza abantu abasha ngokuzinikela ekufundeni izincwadi ngaso sonke isikhathi kanjalo nokuyigqugquzela ekutheni izijwayeze ukungena ezikhungweni zemitapoyolwazi equkethe lonke ulwazi eludingayo.
“Kuyintokozo enkulu ukusho ukuthi njengoba sigubha unyaka ka-20 kulo nyaka, ngonyaka ozayo sizobe sigubha unyaka ka-21 sihambela izindawo ezahlukene ngenhloso yokushumayeza umphakathi ngokubaluleka kokufunda izincwadi kanjalo nokwazi ngemilando yesintu sethu esizigqajayo ngaso,” kuchaza le mbongi.
Iqhuba ibonge ukubambisana kwenhlangano yayo nabasebenzisana nazo ngokubambisana abale kuzona iKunene Foundation, ihhovisi lezomtapowolwazi elingaphansi kukaMasipala weTheku,
UNkk Ram Rabilal wehhovisi lezomtapowolwazi kuMasipala weTheku oveze ukuthi zisashoda kakhulu izincwadi ezikhuluma ngemilando yesintu wabe esekhuthaza ababhali abebehambele umcimbi ukuthi baqinise kakhulu ekwandiseni zona.
“Sibonga ukuzikhandla kwenxusa lethu uGcina Mhlophe osalokhu eyibambe njalo kule ndima ngemisebenzi yakhe encomekayo. Njengoba kunendumezulu yomgubho ohlelwa yiGcinamasiko Art and Heritage Trust sesiwulangazelele ngendlela eyisimanga,” kuphetha Rabilal.
Izimbongi ezisafufusa azisalanga ngaphandle kulo mcimbi njengoba zinikwe ithuba lokuhaya izinkondlo ezithinta umlando wesintu.