ABALANDELI bakaProfessor zomele balinde kuze kube wunyaka ozayo uma befuna i-albhamu entsha esithandweni sabo njengoba usekuhlehlisile ukukhipha.
UProfessor wayememezele ukuthi uzokhipha i-albhamu entsha kulo nyaka njengoba esenesikhathi agcina.
Ubelokhu ekhipha izingoma ezihamba ngazodwa futhi epikwe kwezabanye abaculi.
“Isikhathi sesihambile kodwa uma kuqala unyaka abantu bazovula nge-albhamu yami,” kusho uProfessor.
“Okunye okwenze ukuthi ngingabe ngisakhipha wukuputshuka kwengoma ethi Brand New engiyenze noFey. Okungijabulisayo kodwa wukuthi bayayithanda.”
Uthe unesifiso sokuthi unyaka ozayo kube ngowakhe ngoba sekunesikhathi agcina ukukhipha futhi ubhale ngokuzikhandla.
Izingoma zakhe uthe zikhuluma ngothando, ubumnandi noNkulunkulu.
“Yingakho ngiyiqambe ngokuthi, Composed By Jesus Christ ngoba ithalente enginalo ngiliphiwe uye. Bonke ubuhlakani bokubhala ngibuphiwe uye futhi izinhlamvu zezingoma zami azilumeli
“Kule albhamu ngisebenze no-Oros, Speedy, Character, Fey, Emza, Cassper Nyovest, KO, Joe Nina, Mpumi nabanye. Abantu bangalindela isitayela sami futhi nabangasijwayele ngoba ayihambi ngomzila owodwa. Bazoyithokozela kodwa,” kusho uProfessor.
UProfessor ubuye wancoma umculi uBusiswa ngokuthi ube nonyaka omuhle futhi ube nezingoma ezijabulise abantu.
Lo mculi uphawule nangengqungquthela kazwelonke ye-ANC eqala ngempelasonto eNasrec, eGoli.
“Ngiyathandaza ukuthi baye engqungqutheleni kube nokuzwana. Amaqembuqembu thina ayasibulala singabaculi ngoba uma uke wabonakala nomunye osembangweni, uyalimala kuthiwe uyameseka. Sengathi kunganqoba ofanele futhi kube nozinzo ezweni, kudaleke namathuba omsebenzi, kubuye nomhlaba, nabamnyama bakwazi ukulawula umnotho.”
Akafunanga ukudalula ukuthi ungumlandeli we-ANC noma cha.
“Mina ngingumuntu ohlonipha iqembu nomuntu okhethwe ngentando yabantu.”