UYABUVUMA ubunzima bokulwela ijezi uSiyabonga Zulu ongomunye wabadlali abasayiniswe kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi kuvulwe iwindi ngoJanuwari.
UZulu ufike no-Aubrey Ngoma, Jeremy Brockie noGaston Sirino kumaBrazilians.
Uthole ithuba lokuqala umdlalo ngempelasonto ngesikhathi bebhekene neCape Town All Stars emdlalweni weNedbank Cup Last 32.
Ufike kuleli qembu laseChloorkop elaziwa ngokubophela okhilimu babadlali ezobanga indawo noTebogo Langerman obengekho ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzi.
Ekhuluma kwiSuperSport ngemuva komdlalo abawunqobe ngo 1-0 ngegoli likaPercy Tau, akazange akufihle ukuthi insimbi iyashisa kuleli qembu eliphekwa wuPitso Mosimane.
“Bekunzima (ukulwela indawo) ngoba sineqembu elihle. Wonke umuntu usebenza ngokuzimisela. Okwami wukuthi ngiqhubeke nokusebenza kanzima ngiziphathe kahle ngizinikele 100% zonke izinsuku. Leli yiqembu elihle, akulula,” kusho uZulu.
Uthe ubezimisele ngokuba nomdlalo omuhle ngesikhathi bebhekene neCity.
“Ngiyalibonga kakhulu ithuba (lokudlala) engilitholile. Bekungewona umdlalo olula ngoba nabo (iCape Town All Stars) bebedlala kahle njengoba kuhlezi kwenzeka ukuthi amaqembu ayalenyusa izinga uma ebhekene namaqembu athathwa njengamakhulu. Bengifisa ukuba nomdlalo omuhle kodwa ke izinto ezifuze lezi ziyenzeka ebholeni,” uphawule kanje ngomdlalo.
Yize uZulu obegijima kwiPlatinum Stars phambilini, ebezwakala njengomuntu ongeneme ngendlela adlale ngayo kodwa uzamile ukuzibonakalisa emdlalweni.
Elinye ibhola aligobile lithole uTau kodwa wangawuqedela umsebenzi. Uphinde washaya elinye ishodi nokho ibhola lakhe laphuma eceleni.
Uma eqhubeka nokuzimisela kungenzeka aphinde asheshe alithole ithuba lejezi kwazise omunye obebanga le ndawo ayidlalayo uFares Hachi usebolekiswe kwiChippa United.