UZANYELWA umsebenzi kwiMamelodi Sundowns uKagisho “KG” Dikgacoi inkontileka yakhe engazange ivuselelwe yiLamontville Golden Arrows.
UKG (32) odlale phesheya iminyaka ewu-7 ukhuze ibuya ku-Absa Premiership ngoJanuwari. Lo mdlali odabuka eFree State udlale kwiFulham, Crystal Palace nakwiCardiff City wonke okungamaqembu adlala kwiPremier League yase-England.
Isolezwe lansukuzonke lidalule izindaba zokuthi uDikgacoi ngeke abuyele kwi-Arrows ngesizini ezayo.
“UDikgacoi uxoxa neSundowns njengoba inkontileka yakhe ingeke ivuselelwe ku-Arrows njengoba iphela ngoJuni 30. UPitso Mosimane usebenzile naye kwiBafana Bafana. Ngaphansi kwakhe ubengasali kwelesizwe. UManqoba Mngqithi oyiphini likaMosimane usebenzile naye kuLamontville Golden Arrows,” kusho umthombo.
UDikgacoi uchithe isikhathi esiningi elimele ngomzuliswano wesibili wemidlalo yePremier Soccer League (PSL). Lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla useyidlale yonke imiqhudelwano emikhulu emhlabeni. Ubekhona ngo-2008 iBafana idlala kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) waphinde wayibamba emiqhudelwaneni ofanayo ngo-2013.
Ngo-2009 udlalile kwiFifa Confederation Cup kwathi ngo-2010 wayibamba kwiNdebe yoMhlaba eNingizimu Afrika.
“UKG uselinde ukuthi iSundowns ibuye eTunisia bese eqhubeka nezingxoxo,” kusho umthombo.
Imenenja kaKG, uLwazi Mazibuko ikhale ngokuthi uKG usawumdlali we-Arrows.
“Inkontileka kaKG ne-Arrows iphela ngoJuni 30. Ngakho asiyilinde iphele bese sibhunga ngekusasa likaKG.
“Ngicabanga ukuthi kumqoka ukuthi siyihloniphe i-Arrows,” kusho uMazibuko ngesikhathi ethintwa yileli phephandaba ngendaba kaDikgacoi.
Kuze kube yimanje akucaci ngekusasa likaTeko Modise ophelelwa yinkontileka kuSundowns ngesonto elizayo.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kuSundowns ethintwa ngendaba kaDikgacio uthe: “Ngiqala ukuyizwa ngawe indaba kaDikgacio. Iqembu belingakaze lingitshele lutho ngaye.”
ISundowns ibuye izolo ekuseni ivela eTunisia lapho ibambane khona ngo 0-0 ne-Esperance abayibeke ezithendeni kwilog yeCAF Champions League. Umdlalo olandelayo weDowns izowudlala neSaint George, e-Addis Ababa Stadium, e-Ethiopia ngoJulayi 1.