UTHINASONKE Mbuli oyiphini likaDesiree Ellis kwiBanyana Banyana uzishaya isifuba ngamava awathole emiqhudelwaneni asanda kuba yingxenye yayo
IPHINI lomqeqeshi weBanyana Banyana lizizwa libusisekile ngesipiliyoni elisithole kwiNdebe yoMhlaba yabesifazane ngaphambi kokuqala kweNational Women’s League ehlongozwa ukuqalwa ngenyanga ezayo.

UThinasonke Mbuli, oyiphini likaDesiree Ellis kwiBanyana, utshele Isolezwe ukuthi ucabanga ukuthi amava awathole emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ebiseFrance, azozifeza izifiso zabanikazi beqembu le-University of Western Cape (UWC) lokunqoba isicoco seligi ezoqala.

UMbuli, ofake ngonyaka odlule okokuqala emlandweni iqembu labesifazane le-University of KwaZulu-Natal (UKZN) kwiVarsity Cup, ujoyine i-UWC engompetha beWestern Cape Sasol League ekuqaleni konyaka.

Ekhuluma naleli phephandaba eseNapoli, e-Italy kumaWorld Students Games, ezakhe ezingalibonanga elidlalayo kuyona, uthe uzizwa ebusisekile ukuthi kubona bonke abaqeqeshi bamaqembu azoyibamba kwiNational Women’s League uyena yedwa obe nenhlanhla yokuhlabana ngamava ezinga lomhlaba.

UMbuli oke wadlala kwiDurban Ladies, uthe abanikazi be-UWC bamnike nejoka lokwenza kahle kwi-University Sport of South Africa (USSA) Women’s Football nakwiVarsity Cup.

“Ngaphambi kokuya eFrance ngibe yingxenye yeqembu elenze kahle kwi-African Women’s Cup of Nations. KwiNdebe yoMhlaba ngibe nenhlanhla yokubhekana namazwe ahlonishwayo okuyiGermany, Spain neChina. Nakuba zingahambanga kahle izinto nakumaWorld Students Games kodwa ngifunde lukhulu ezikhondlakhondleni zamazwe esidlale nazo. Ekupheleni kukaJulayi ngizophinde ngibe yingxenye yeBanyana ezodlala kwiCosafa Cup. Kangingabazi ukuthi la mava azongisiza kakhulu ekwenzeni kahle kwiligi ezoqala,” kubeka uMbuli onesitifiketi sokuqeqesha iCAF A Licence.

Lo mqeqeshi oneziqu zeSports Management uthe osekubalulekile ukuthi iSafa igcine isethembiso sayo sokuqala iNational Women’s League ukuze abadlali badlale njalo kwiligi eseqophelweni eliphezulu ekuncintisaneni.

Bekungokwesibili uMbuli eya kumaWorld Students Games. Ngo-2017 kwabeseTaipei, eTaiwan, usize iqembu lilala endaweni yesine. Esadlala waya kulo mqhudelwano ngo-2003, eDaegu, eSouth Korea nango-2005, e-Izmir, eTurkey.

Sekungumlando ukuthi kumaWorld Students Games asongwe ngeSonto, e-Italy ezakhe azinqobanga nomdlalo owodwa. Kowokuqala kuGroup C zabhaxabulwa iDPR of Korea ngo-8-0, i-USA ngo-4-0 zaphinde zashaywa iBrazil ngo-1-0. Ngokukleliswa kwamazwe iNingizimu Afrika igcine ilale endaweni yeshumi ngezindondo eziwu-18. Zibe yisithupha ezegolide, eziyisishiyagalombili zesiliva nezine zethusi. Izwe elithole eziningi yiJapan ebambene neRussia ngeziwu-82.