UMDLALO wanamuhla phakathi kweqembu lesizwe labesifazane lekhilikithi neSri Lanka uzocacisa ukuthi yiliphi elizothatha uchungechunge lweT20 njengoba ezongena enkundleni ebambene ngo 1-1.
La maqembu azodudulana eBuffalo Park, e-East London, kusukela ngo-6 ntambama.
AmaProteas anqobe umdlalo wokuqala ngama-run angu-79 eWillowmoore Cricket Stadium, eBenoni, ngoLwesithathu oludlule. Izivakashi zithathe owesibili ngamawikhethi ayisikhombisa eSenwes Park, ePotchefstroom, ngoMgqibelo.
Umshwibi wamaProteas uTumi Sekhukhune, owathatha amawikhethi amabili emdlalweni wokuqala neyodwa kowesibili, uthe bahlose ukubhukula ukuze banqobe lolu chingechunge, ikakhulukazi uma sebeshaya ibhola.
“Siyiqembu elijwayele ukuqala kahle uma lishaya ibhola ngoba abadlali bethu abaqalayo bayakwazi ukuhlanganisa ama-run amaningi kodwa sekuyisikhathi sokuthi nalaba abalandelayo baphonse esivivaneni,” kusho uSekhukhune.
“Sonke sisebenza nomqeqeshi osisiza ngasekushayeni. Sinabo abanye abadlali abangakwazi ukunqobela iqembu imidlalo kodwa kufanele bakhuphule izinga lokuzethemba. Silindele ukuthi baziveze kulo mdlalo uma sikhona isidingo.
“Sizimisele ngakho konke ukuthi siwunqobe lo mdlalo. Empeleni into ebesiyifuna kakhulu bekuwukunqoba uchungechunge ngo 3-0 kodwa njengoba isimo sesimi kanje sekufanele sinqobe umdlalo wokugcina.
“Njengoba kuzodlalwa iNdebe yoMhlaba yeT20 (ezoba seBangladesh ngoSepthemba) sekuyisikhathi sokuthi sijwayele ukudlala namaqembu anabashwibi be-spin, sidlale kahle enkundleni yaseThekwini, Potchefstroom nalapha e-East London, ezicishe zisondele kulezi esizodlala kuzona eNdebeni yoMhlaba.”
AmaProteas neSri Lanka basazodudulana ochungechungeni lwemidlalo emithathu yama-over angu-50 (ODI), ezoqala ngoLwesibili.