KUMSHIYE exukuzeke ugebhezi ukuphuma kwiMTN 8 umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, okhala ngokwehla kokuzethemba kubadlali bakhe ngaphambi kwemidlalo emibili emqoka athi izohlahla indlela ekutheni bazoba nesizini enjani.
ICity ibhabhadiswe yiPolokwane City ngoMgqibelo eNewlands Stadium, eKapa, lapho uMohamed Anas noCharlton Mashumba beshaye khona amagoli angcwabe iCitizens okuyiyona ebivikela isicoco.
UBenni ukhale ngokuthi abadlali bakhe bonke abazange bafinyelele ezingeni abelilindele.
Nakuba uBenni, okusewuyena yedwa onendondo yegolide kwi-Uefa Champions League kwabaseNingizimu Afrika, ekhala ngokuphuma kwiMTN 8, okumhleli kabi wukuthi kusasa ubhekene neMamelodi Sundowns ekuhambeni koweligi. Ngemuva kwalokho iCity izobheka neKaizer Chiefs ekhaya kulandele iSuperSport United nayo ekhaya.
“Konke kubhimbile namuhla. Angifuni ukucasha ngesithupha ngikhale ngenkundla ngoba womabili amaqembu abeshukana enkundleni efanayo. Ngaphandle kwamagoli esishaywe ngawo basiyekile ngoba bathole iphenathi sayivimba baphinde bathola elinye ithuba elilula umdlalo usuyophela. Konke akuvumanga namuhla. Imidlalo enje iyafika kodwa lo ufike kabi ngoba sizogxila kwiligi manje kodwa sibhekene nompetha kanti uma sisuka kubona sizobhekana neqembu okuyilona eliqhwakele njengamanje. Kukhona neSuperSport United lapho esanda kushaya i-Orlando Pirates.”
ICity ibe ngompetha beMTN 8 nyakenye njengoba isiphuma kuseva nje. Nokho umqeqeshi wayo akakhali ngoba uzibonele naye ukuthi iPolokwane iyona ebiwulungele kangcono umdlalo futhi bekuyifanele ukudlulela kuma-semi final.
“Konke ebesikwenza bekubenzela izinto zibe lula. Yebo ibhola besiliphethe kodwa okwenziwa ngalo besingakwenzi kanti bona bebengalitholi kodwa bekuthi uma belitholile balisebenzise ngendlela efanele. Akekho umdlali engingaphuma naye ngithi akabanga nosuku oluhle kodwa akuvumanga. Umsebenzi ongihlalele ukukhuphula ukuzethemba kulaba badlali ngoba imidlalo emibili ezayo iyona ezocacisa okuningi ngohlobo lwesizini esizoba nayo.”