UCHAZWE njengomholi oqotho wabongwa nangenkece uBongi Msomi ongukaputeni weqembu laseNingizimu Afrika le-netball iSpar Proteas, ohlanganise imidlalo ewu-100 kwelesizwe ngesikhathi bebhaxabula iFiji ngo 90-35 emdlalweni wesibili kaGroup C kwiNdebe yoMhlaba eseLiverpool, e-England.
ISpar Proteas ivule lo mqhudelwano ngokuthela phansi iTrinidad & Tobago ngo 75-45 lapho uLenize Potgieter ebe wumdlali wosuku ovelele.
Emdlalweni weFiji, uMsomi ulihole ngobunono iqembu libheke ekushayeni amaphuzu amaningi aseke atholwa eLiverpool. Le ntokazi yaseHammarsdale yiyona eqokwe yaba umdlali ovelele osukwini.
Umengameli we-Netball South Africa (NSA), uCecilia Molokwane, ubongeuMsomi ekhempini yelesizwe eLiverpool. Ufike emphathele isipho sembali iProtea nomyalezo wokumbonga.
“Njengomengameli ngikuphathele isipho esivela kwiNetball South Africa nabo bonke abakulo mdlalo ngenxa yokuba wumholi oqotho. Ngifuna ukuzwe ngami ukuthi awubanga ukaputeni waleli qembu ngenxa yebala lesikhumba sakho, awukhethwanga ngoba kugcwaliswa. Kodwa ungumholi ngoba ukufanele futhi akekho obengahola leli qembu njengawe. Sikunika le mbali enhle siwumndeni we-netball futhi ngiyakuthembisa ukuthi lungakapheli usuku lwakusasa (namuhla) kwi-akhawunti yakho kuzongena * -10 000. Siyakubonga ngokuzithoba kwakho futhi uqhubeke nokuba umholi omuhle,” kuMolokwane kwi-video efakwe ekhasini leNSA le-twitter ku-@Netball_SA.
Izolo ebusuku uMsomi ubezohola elakuleli selitholene phezulu neJamaica ekleliswe endaweni yesibili emhlabeni emdlaweni wokugcina kaGroup C.
Ngokunqoba imidlalo yabo yokuqala iNingizimu Afrika neJamaica bebezibeke ethubeni elihle lokudlulela esigabeni esilandelayo sokuhlunga.
Amaqembu amathathu aphezulu kaGroup C azohlangana namathathu kaGroup D azobe ephezulu okukhona i-England, Uganda, Scotland neSamoa, kwakhiwe uGroup G.
Kulesi sigaba iNingizimu Afrika izobe isilwela ukuqeda emaqenjini amabili aphezulu azodlulela emidlalweni eyandulela owamanqamu.