KUNINGI okuhle okuhambisana nokuphakanyiswa kukaPercy Tau ohlwini lwabadlali ababanga i-2018 African Footballer of the Year kodwa okuhamba phambili ngokushiwo nguNeil Tovey, ongumqondisi wamaqhinga kwiSouth African Football Association (Safa).
UTovey, onomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika njengomdlali nanjengomqeqeshi, utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi ukuphakanyiswa kwegama likaTau ohlwini olunabadlali abavelele emhlabeni ukubona kuzomenzela umsebenzi wakhe ube lula.
“Okwesibili eqokwa uma ngingaphosisi. Kuyinto enkulu nakuye uqobo ukuqhubeka nokuqokwa esedlala phesheya. Yinto enkulu ukuqokwa nabadlali abanjengoMohamed Salah nabanye. Njengoba sikhuluma nge-technical masterplan (indlela okumele kudlalwe ngayo eNingizimu Afrika), uyabadinga abadlali abazoba yizibonelo kulabo abasebancane ukuze singalokhu sitshela abadlali ngabantu abazobagcina kwiTV,” kusho uTovey.
Ngokwesibili iminyaka ilandelana eqokwa embangweni womklomelo womdlali ovelele e-Afrika uTau, osedlala kwi-Union Saint Gilloise eBelgium lapho ebolekiswe khona yiBrighton & Hove Albion egijima kwiPremiership. Ukuqokwa kwalo mdlali esedlala phesheya kungase kuhambe ibanga elide ekuguquleni umkhuba osuwandile wabadlali baseNingizimu Afrika wokusheshe babuye emaqenjini aphesheya bengakenzi lutho oluphathekayo.
“Sike saba nabo abadlali abahle njengoTau, abantu abanjengoJabu Pule noMbulelo Mabizela kodwa basenzela phansi. Akekho abangamsola ngaphandle kwabo uqobo. Kulokho kuzoya ngaye (uTau) ukuthi angavumeli imixhantela imphazamise emaphusheni akhe. Singamsebenzisa njengesibani sokuvusa iBafana. Mina ngimbuke kahle kule midlalo emibili (iBafana idlala neNigeria neParaguay). Izinga lakhe selithuthuke kakhulu. Uma ezokwazi ukumelana nodumo nje, lungamphambanisi ikhanda, uzoba yingwenya,” kusho uTovey.
UTovey uqokwa njengomqondisi wamaqhinga kwiSafa nje, esengumdlali waqukula indebe ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996 engukaputeni weBafana.
Ubengomunye wabantu abayibambe ekusungulweni kwezinhlaka zokuthuthukisa ibhola ezaziwa ngamaTransnet satelite centres okwaqhamuka kuzo abadlali abagcine sebedlala emaqenjini esizwe.
UTovey ukhuluma ngendlena yokudlala yaseMzansi nje iSafa inohlelo lokuqondisa izinto zebhola ngo-2022 kanti uma engaphumelela ukutshala kubadlali abasebancane izinga likaTau, ngeke kube yinkinga ukuzibekisela indawo kuma-2020 Olypmpic Games aseTokyo.
UTau uqokwe njengomdlali ovelele emidlalweni emibili yakamuva yeBafana. Umelwe wukusiza leli qembu elicijwa nguStuart Baxter lizibekisele indawo kwi-Afcon okusazomenyezelwa izwe elizoyisingatha ngemuva kokuhoxiswa kweCameroon enezinkinga zombangazwe.IBafana isalelwe ngumdlalo owodwa ezowudlala neLibya kulo mkhankaso. Okudinga ukwenziwa yiBafana wukuqikelela ukuthi iLibya ayinqobi kwazise ozovunwa wumphumela kulowo mdlalo ubeletha kwiNigeria kuyiwa kwi-Afcon.
Ukwaziswa kwamagama abahambe phambili kuzoba semcimbini weCAF oseDakar, eSenegal, ngoJanuwari 8.
w