PHEZU kokuthi iBafana Bafana izodlala umdlalo wokuzibekela indawo emqhudelwaneni iCAF Africa Cup of Nations (Afcon), ngaphandle kukanozinti wayo * -Itumeleng Khune nezinye izihlabani ezingoKeagan Dolly noSibusiso Vilakazi, ngeke kuziphazamise izinhlelo zomqeqeshi uStuart Baxter.
Lona ngumbono womqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uSteve Komphela, owake waba yiphini lalo mqeqeshi odabuka eScotland, nomazi kahle ukuthi uzihlela kanjani izinto zakhe.
Kunokungabaza kubalandeli bebhola ngekusasa leBafana Bafana ekutholeni indawo kwi-Afcon ezodlalelwa ezweni i-Egypt nonyaka.
Okufike kufake ukungabaza kakhulu kubathandi bakanobhutshuzwayo ukulimala kwabadlali abanohlonze, uKhune, Dolly noVilakazi. ISafa iqale yaba nokudideka ngenkundla ozodlalelwa kuyona lo mdlalo. Igcine itholile ukuthi uzodlalwa ngo 22 Mashi 2019, eTunisia.
Okwenza ungakwazi ukudlalelwa eLibya kungenxa yezokuphepha ezingaqinisekiwe kuleliya zwe elikhungethwe yimpi yomkhaya.
“Ngiwumuntu ohlale ebuka uhlangothi olungcono ngaso sonke isikhathi. Namanje angisiboni isizathu esingenza iBafana ingakwazi ukuzibekela indawo ngoba ngiyamazi uStuart (Baxter),” kubeka uKomphela.
Uthi uBaxter ungumuntu osebenza kanzima kanti uyazinikela ngakho konke emsebenzini wakhe, ngakho uzoqhamuka nalo iqhinga elizomtakula.
“Abadlali unabo azokhetha kubona. Angingabazi ukuthi vele usenabo abadlali azobalanda bezovala izikhala zabalimele. Ngeshwa asinayo njengamanje unozinti odlala phesheya ngoba ngabe ngithi mhlawumbe uzolanda yena.
"Nomakunjalo, ngeke ngimangale uma ngizwa ukuthi usevele usembonile unozinti abona ukuthi angavala isikhala sikaKhune,” kuqhuba uKomphela.
Konozinti abakhona nabadlala lapha ngaphakathi kwiPremier Soccer League (PSL), nguDarren Keet (Bidvest Wits), Jackson Mabokgwane (Orlando Pirates) noRonwell William (SuperSport United).