KUNOKUDIDEKA ngokubonakala kwesithombe sikaPercy Tau eziqeqesha neqembu elidlala esigabeni esingezansi kwesikhulu eBelgium, iRoyale Union Saint-Gilloise.
Indida wukuthi uTau (24) osayine kwiBrighton & Hove Albion ngeke avumeleke ukusebenza e-England okwamanje. Kuke kwavela ukuthi uTau useBelgium kodwa ubengakasayini kuleli qembu elinomnikazi oyedwa nelimsayinise esuka kwiMamelodi Sundowns, okunguTony Bloom.
Kusajatshulelwa ukubonakala kukaTau eziqeqesha naleli qembu, isithombe ebesikhishwe kwi-website yeRUGS sisuswe ngokushesha.
UDino Ndlovu weZhejian Greentown yaseChina, uqhubeke lapho egcine khona ngaphambi kwekhefu eshayela leli qembu igoli bewina ngo 3-1 kwiShanghai Shenxin. EzikaNdlovu zilele isibili esigabeni esingezansi kwesikhulu eChina ngemuva kwemidlalo ewu-18.
Omunye umgadli weBafana Bafana oqhubeke nokushaya amagoli okuyinto abeyenza ngesizini edlule, uLebohang Mothiba weLille yaseFrance ayisize inqoba ngo 3-1 kwiRennes. Kube yimpelasonto emnandi nakuKeagan Dolly odlale imizuzu ewu-79 emdlalweni wokuqala wesizini weMontpellier yize bekhale ngaphansi kwiDijon ngo 2-1.
Kuyona le ligi, uLebohang Phiri weGuingamp uqale kabi beshaywa yiSaint-Etienne ngo 2-1, uBongani “Ben 10” Zungu wangadlala kwi-Amiens beshaywa yi-Olympic Lyon ngo 2-0. UBen 10 uhlushwa yidolo. Uwudlale wonke umdlalo uThulani “Cream” Serero weVitesse benenebula iGronigen ngo 5-0.
Udlala namuhla ebusuku uMay Mahlangu weDinamo Bucuresti yaseRomania. Uyiqale yomithathu edlule kanti kulindeleke ukuthi kube isimo esifanayo uma sebebhekene neViittorul.
UKamohelo Mokotjo weBrentford kwi-English Championship akawuqalanga umdlalo wabo wesibili weligi bebambana ngo 1-1 neStoke City esuka esigabeni esikhulu.