IMENENJA yabadlali bebhola esizenzele igama, uTim Sukazi weQuality Talent Sports, ivume icala lokukhwabanisa intengo okudayiswa ngayo abadlali.
USukazi uvume leli cala ngesikhathi empintshelwe ekhoneni abeCompetition Commission South Africa ephenya lo mkhuba okuthiwa wenziwa yizinkampani ezibhekele izindaba zabadlali.
Uzohlawuliswa imali engaphezulu kuka-R100 000 ngalesi senzo. Ozakwabo bona kuthiwa basaphenywa.
Lezi zindaba zivezwe iyona iCompetition Commission esitatimendeni esiphume ngoLwesibili.
Phakathi kwabadlali asebephathwe uSukazi kukhona, uLehlogonolo Majoro, Brilliant Khuzwayo, Paseka Mako, Asavela Mbekile, Vincent Pule, no-Eric Mathoho. Abaqeqeshi uSteve Komphela no-Dan Malesela.
“I-QTS ivumile ukukhokha inhlawulo ka-R114 168 84 ngemuva kokuvuma icala lokukhwabanisa intengo eba umvuzo otholwayo ngokudayiswa kwabadlali,” kusho isitatimende.
Kuvele ukuthi uSukazi nozakwabo bazidonsela amanzi ngomsele ngemuva kokuthi bezame ukuphikisa imigomo emisha ngo-2015, yeSafa neFifa yokuthi izimenenja zithole umhlomulo ka-3% kusuka ku-10% ebeziwuthola ngokudayiswa kwabadlali.
ISouth African Football Intermediaries Association (SAFIA) yaluyisa enkantolo lolu daba. Babe sebefaka isikhalo ngeSafa kwiCompetition Commission. ISAFIA yayisola iSafa ngokuthi kwayona yenza ukukhwabanisa ngalo-3%, ithi lokhu akuhambisani ne-Competition Act.
Kodwa kuphenduke amatafula ikhomishini seyenza uphenyo, yathola ukuthi empeleni uSukazi nozakwabo yibona abagila imikhuba.
Njengoba uSukazi esevume icala uyena osezoba ufakazi ohamba phambili kwazise uphenyo luyaqhubeka.
Kuthiwa laba bavumelana ngokuthi babize u-10% wemivuzo ngokubamba izingxoxo ngezinkontileka zabadlali uma bedayiswa noma besayina kwamanye amaqembu.
Baphinde bafune u-20% ongagudluki wenkokhelo uma betholele abadlali abaxhasi.
Abanye abaphenywayo: SAFIA; Pro Sport International; Siyavuma Sports Group; The Players Club; Bidvest Media (Pty) Ltd, esebenzisa igama iMSC Sports; Quality Talent Sports; Prof’ Sionalz Marketing and Management; JDR Consulting; P Management; Musawenkosi Arthur Dlamini; Tebogo Taunyane Hlapolosa; GS Sports Agency; Erika Bester; Sierra Sports Agency; KN Sports; Bheki Khathide; Liberate Resources Sports Management; Eclectic Sports Management; On the Ball Sports Management; Touchline Sports Management; True Ambition Sports Management; Eliot Nzama; Ben Kokela; ETM Sports Management; Sports Midfield Agency; Alex Bondarenko; Mede8 Sports; New Generation Sports Management; Abelsam Sports Management; Cape Colosseum Management; Sipho Shaven; MVP Sports Management International; Modhouma Holding; Gladwin Mpho Diokane; Vasili Barbis; Phelele Mkhize neMS Sport Management.