IZINGQINAMAMBA ezibhekene nabadlali be-netball emakhaya ngezinye zezizathu ezenza ukuthi singanyuki isibalo sabadlali abamnyama abadlala babe nomgqigqo eqenjini lesizwe, amaProteas.
Lokhu kuvezwe umdlali osemkantshubomvu eqenjini lesizwe le-netball uPrecious Mthembu (osesithombeni). Lo mdlali nokaputeni uBongiwe Msomi yibona bobabili abadlali abaseqenjinj lesizwe abakhiqizwe yisifundazwe iKwaZulu-Natal futhi asebehlale isikhathi eside.
UMthembu (32) ebuzwa ukuthi njengoba sesiseduze isikhathi sokuthi ashiye eqenjini lesizwe ngenxa yeminyaka, baphi abadlali abazovala izikhala zabo, uthe bayinqwaba.
“Bakhona abadlali abasezingeni lokudlala kumaProteas esinabo abasebancane kodwa ngeke ngakuqinisekisa ukuthi bazokwazi ukuhlala isikhathi eside njengami. Into engiyaziyo ukuthi izingqinamba esibhekene nazo emakhaya yizo ezenza abadlali bagcine beyishiye phansi i-netball.
“Kwesinye isikhathi umdlali uba nalo ithalente elingangabazeki kodwa kube ukuthi kumele asebenze, ondle ekhaya.
“Ngalokho kuba nzima ukuthi aqhubeke nokudlala kwazise asiholi imali engenza ukuthi ushiye umsebenzi. Abanye abadlali ababi nenhlanhla njengami yokuthi bathole umsebenzi ozobeseka futhi ubavumele bangabi bikho emsebenzini isikhathi eside,” kusho uMthembu.
Uthe into ayibona njengeyenza abamhlophe babe baningi eqenjini lesizwe ukuthi iningi labo liphuma emakhaya adla izambane likapondo, okuba lula kubona ukuthi babhekane ne-netball kuphela.
AmaProteas azodlala umdlalo wabo wesibili weQaud Series namuhla ne-Australia ngo-7 ebusuku e-ICC.
Lona kuzoba umdlalo
onzima kakhulu kumaProteas kwazise azobe edlala neqembu elihamba phambili emhlabeni ku-netball. Emdlalweni wokuqala behlulwe yi-England ngo-60-55 ngempelasonto.