USINDE kukubi engozini yemoto umqeqeshi waMaZulu ezinhlakeni zabafana abancane, uNhlanhla “Shakes” Zwane, ngesikhathi umshayeli okusolwa ukuthi ubebukhile evele eqonda ngqo kuyena emgwaqweni uMalandela KwaMashu ngeSonto ebusuku.
UZwane (36) ubehamba ngeNissan NP 200 eqhamuka ngakwa-K ngesikhathi evelelwa yingozi.
“Bengizihambela kahle ngibheke ngaKwaMashu esiteshini. Ngithe ngingalindele ngabona imoto iVW Polo iza kimina ngqo idla amagalane. Ngizame konke ukuvika ingozi kodwa le moto yaqonda ngqo kimina yafika yashaya kimina. Angikhumbuli okuningi kodwa engikwaziyo ukuthi ibihamba emzileni ongafanele ngoba bekufanele ngiphambane nayo,” kusho uZwane izolo ekuseni ngemuva kokukhishwa KwaMashu Poly Clinic lapho elaliswe khona ngemuva kwengozi kwazise ubopha ekhanda.
Lo mqeqeshi uthe ubonga uMdali ukuthi usaphila ngendlela imoto yakhe elimale ngayo.
“Namanje angazi ngisinde kanjani ngoba kuvele kwaba mnyama amehlo. Imoto ishayisa ngovalo uma uyibuka ngoba ayikhombisi izimpawu zokuthi bekungasinda umuntu engozini obekuyo. Indlela ebiza ngayo le moto (engishayisile) bekufanele ngilimale kakhulu kunalokhu. Odokotela abangibonile ngemuva kwengozi babone kungcono ngingadedelwa ngoba bekunezinto abebesafuna ukuzibhekisisa kahle kimina. Ngemuva kokungihlola manje (izolo ekuseni) bavumelene ngokuthi ngingaya ekhaya. Emsebenzini angazi ngizobuyela nini kodwa nakhona kulele ekutheni batholani odokotela beqembu ngoba kufanele ngibonane nabo,” kusho uZwane.