PHEZU kokuthi usihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, esephupha ngokungena kwiTop 8 kodwa umqeqeshi wezakhe, uClinton Larsen, akekho lapho.
UMpengesi ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo kuMhlobo Wenene FM izolo ekuseni, ubezwakala eneme ngokwenza kahle kwezakhe ezingene kuma-quarterfinal eNedbank Cup zihlula iqembu elikuNational First Division (NFD), iTshakhuma ngo 2-0 ngempelasonto.
IChippa isiqoqe amaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu edlule ngaphansi kukaLarsen oqale ukusebenza kuyona ngoDisemba kade kuxoshwe uJoel Masutha.
Lokhu kumenza abe ngumqeqeshi wesine ukupheka iChilli Boys kule sizini. Ufike iqembu libhuquza ngasemsileni emaqenjini abalekela izembe. Selinyukele endaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu awu-19.
“Sithokozile ngendlela izinto ezenzeka ngayo nokuholele ekutheni sishenxe endaweni embi ebesikuyona ebichaza ukuthi sibalwa namaqembu azodliwa yizembe. Manje sibheke ukuthi sinqobe umdlalo wethu ne(Lamontville) Golden Arrows neSuperSport United, eSisa Dukashe Stadium. Uma siyinqobe yonke le midlalo sizobe sesikwazi ukuthi silwele ukungena kwiTop 8,” kusho uMpengesi.
NgoLwesihlanu ezakhe zizokwamukela iqembu elidala likaLarsen, i-Arrows, eNelson Mandela Bay Stadium ngo-8 ebusuku.
ULarsen ebuzwa yileli phephandaba ngamathuba okulwela iTop 8 akafunanga ukuzibophezela.
“Hhayi cha eyeTop 8 angiyikhulumi. Ngesikhathi ngifika lapha isivumelwano kwakuwukuthi ngizosusa iqembu kwamabili asemsileni kwi-log. Indawo esizoyithola ngaphezu kwalokho izofana nebhonasi. Ngeke nje ngiyikhulume eyeTop 8,” kusho uLarsen.
Uthe ulindele umdlalo onzima kuBafana Bes’ thende abaphekwa uSteve Komphela.
“Ngeke kube lula. Ukuthi ngisebenzile neqembu futhi ngiyalazi akwenzi umsebenzi ube lula kimina. Okungijabulisayo wukuthi selokhu ngifikile abadlali bakhombisa ukuzethemba ngokuthi singahlula noma yiliphi iqembu esibhekana nalo,” kusho uLarsen.
Ngemuva kokushaya iTshakhuma uzwakalise ukungenami ngendlela abadlale ngayo.
“Ebengikhala ngakho wukuthi siyekile ukushaya amagoli kwaze kwaba sekugcineni. Bengifuna sisheshe siqede ngabo. Kodwa ngineme ngezinga lokudlala nokuthi indlela esivala ngayo emuva iya ngokuba ngcono,” kusho uLarsen.