UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs, uRamahlwe Mphahlele, uselule inkontileka yakhe neqembu ngeminyaka emibili.
Inkontileka entsha inombandela wokuyelula ngomunye unyaka uma isiya ngasekupheleni.
“Ngijabule ngokwelula inkontileka nokuqhubeka nokuhlala eqenjini. Sekukimina ukuthi ngilikhokhele ngokuthi sinqobe izindebe. Kuhle ukwelula inkontileka ngesikhathi iqembu libheke endaweni enhle,” kusho uMphahlele ekhasini le-twitter leChiefs.
Player Updates
Ramahlwe Mphahlele has committed to a two-year contract extension. His deal carries a further one-year option.
"I’m happy that I extended the contract to remain at this great Club. It is now for me to repay the Club by winning trophies." #HailTheChief pic.twitter.com/WCJzIYcnto
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) March 11, 2019
Omunye umdlali iChiefs eveze ukuthi ulule inkontileka uKgotso Moleko naye oyibamba emuva, osayine iminyaka emibili. Ngesonto eledlule leli qembu liveze ukuthi uBernard Parker welule inkontileka ngonyaka.
IChiefs sekuphele amasizini amathathu inganqobi lutho. Ihleli endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu awu-35. Ingemuva ngamaphuzu amahlanu kwi-Orlando Pirates ngamaphuzu awu-40.
Player Updates
Kgotso Moleko has signed a two-year contract extension with the Club. He will continue to don the Gold & Black until June 2021. #HailTheChief pic.twitter.com/1fSc05b3EQ
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) March 11, 2019