INHLOKO yethimba labaqoki kumaProteas uLinda Zondi ithwese isibabuli somshwibi wamaProteas uKagiso “KG” Rabada ijoka lokufaka isandla ekutheni alakuleli lidle umhlanganiso kwiNdebe yoMhlaba.
AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba selokhu abuyiselwa emidlalweni yamazwe kulandela izidumo zobandlulula ngo-1992. Ngonyaka ozayo azophinde azame ukubuya nale ndebe e-England naseWales.
URabada (22) unyukele endaweni yokuqala ekuklelisweni kwamazwe kubashwibi emidlalweni yamaTest.
Ugudluze uJimmy Anderson wase-England. URabada unyukele endaweni yokuqala ngemuva kokuthatha amawikhethi amahlanu kuma-Innings amabili. UZondi utshele leli phephandaba ukuthi usefuna ukubona uRabada esiza amaProteas ekutheni anqobele elakuleli iNdebe yoMhlaba.
“Sijabule ngokuzuzwe nguRabada.
Ngangivele ngazi ukuthi ngelinye ilanga uyobalwa nabadlali abaphambili emhlabeni ngoba ngisebenzile naye eqenjini lesizwe lika-Under-19 ngesikhathi sinqoba iNdebe yoMhlaba ngenza umsebenzi ofanayo. Into engithusile ukuthi usheshe wakuzuza lokhu ngingakalindeli.
Usazokwenza izinto ezinkulu uRabada kwikhilikithi. Iphupho lami wukubona uRabada esiza iNingizimu Afrika ekutheni idle umhlanganiso kwiNdebe yoMhlaba. Naye uyakwazi lokhu. Uma engenza lokho ngiyojabula kakhulu,” kusho uZondi.
URabada usedlale imidlalo engu-24, wathatha amawikhethi angu-110. Uqale ukudlala emidlalweni yamaTest ngo-2015 ngesikhathi elakuleli libhekene ne-India eMohali. Njengamanje usephenduke omunye wabashwibi abamqoka kwelesizwe.
Ngo-2014, uRabada usize iqembu lesizwe lakuleli lika-Under-19 lakhala lemuka nesicoco seNdebe yoMhlaba.
Kusasa ngo-10.30 ekuseni amaProteas azoqala iTest yesibili eSuperSport Park, eCenturion. Elakuleli lihamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yamaTest.
“Sineqembu eliqinile futhi elilungele ukudlala kuzona zonke izindawo. UDale Steyn ulimalile sabiza uLungi Ngidi noDwaine Olivier. Uma kuthinteka uVernon Philander siyazi sinoChris Morris no-Andile Phelukwayo abangama-all rounder. Uma kuphoqa ukuthi sidlale ngama-batsman ayisikhombisa siyazi sinoTemba Bavuma. Izinkundla esidlala kuzona kuzoba yizona ezizocacisa ukuthi silibophela kanjani iqembu lethu,” kusho uZondi.