IKAIZER Chiefs kuthiwa ikhokhobela uLuc Eymael, oqeqesha iFree State Stars okuthiwa leli qembu selisayinise inkontileka yesibambiso ukwenzela ukuthi uma kuphela isizini ebe esenekhaya elisha eNaturena ngezokwethwasa.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi lo mqeqeshi odabuka eSerbia usendleleni ebheke eNaturena ngezokwethwasa ezothatha indawo ezovuleka ngokungavuselelwa kwenkontileka entsha kaSteve Komphela.
UKomphela kuthiwa wehlulekile ukugcina umsizilo weqembu ngokuthi kumasizini emibili nesigamu usalokhu ebheke indebe yakhe yokuqala selokhu aba ngumqeqeshi kwiPemiership.
Ekhuluma naleli phephandaba ngale ndaba uMotaung, obhekene neqembu laMakhosi uphike walala ngomhlane ukuthi lukhona udaba olunjalo.
“Mfowethu ngempela angikwazi lokho ukuthi kuqhamuka kuphi.
“Thina sisanda kusayinisa umeluleki wethimba labaqeqeshi (Robertus ‘Rob’ Hutting), esizomethula ngokusemthethweni esithangamini sabezindaba namhlanje (esho ngoLwesithathu),” kuphika uMotaung.
Lo mqeqeshi akamusha empikiswaneni njengoba kuke kwasuka umsindo ngaye ngesikhathi ejoyina iBloemfontein Celtic, ngemuva kokulaxaza iPolokwane City.
Ukuhamba kwakhe iRise and Shine yafaka icala kwiPremier Soccer League (PSL) ngokuthi wephule isivumelwano. Lokhu kwaholela ekutheni isigungu esibhekene nezikhalo kwiPSL (Dispute Resolution Chamber) sinqume ukuthi akabuyele emuva kwiCity.
Kwaba lapho ashaya phansi ngonyawo wathi lingawa licoshwe yizinkukhu ngeke abuyele emuva.
Ngemuva kwalokho wavumbuka kwiStars wafika wayishintsha indlela edlala ngayo wayikhipha ngokushesha obishini njengoba isibalwa namaqembu amathathu ukusuka phezulu kwi-log.
UMotaung umbe wembulula ebaleka nempendulo eqondile ngekusasa likaSibusiso “Mado” Khumalo, okuthiwa kungenzeka aphelelwe umhlaba eNaturena.
Ukufika kukaPhilani Zulu, ukukhushulwa kukaSiphosakhe Ntiyantiya, obekwiMultichoice Diski Challenge (MDC), ekubeni yena ekhona engalimele nokuba khona kukaTsepo Masilela, yikhona okuqinisa izinsolo zokuthi angase agcine ngokuyifulathela iNaturena.
Abanye bathi ukufika kukaHutting azoba ngusomaqhinga nomeluleki wethimba labaqeqeshi kuzona zonke izinhlanga zeqembu, kuyizinkomba zokuthi liyamshonela esathwabaza ezinkalweni uSteve Komphela, okunguyena umqeqeshi waMakhosi njengamanje.
Empeleni abalandeli baleli qembu sekunesikhathi bethi akakhonjwe indlela ngoba usebaphendule inhlekisa kwabanye abalandeli bamaqembu adlala kwiPSL ngokuhluleka ukubanqobe ngisho eyodwa indebe, okuyisimo esingajwayelekile kwiChiefs.
Phambilini leli qembu elinabalandeli abaningi eNingizimu Afrika noma ngabe belehlelwe yizinga kangakanani ayikho isizini edlula ngaphandle kwendebe eyodwa eliyinqobayo.
Ezindebeni azifice zinqotshwe nguVladislav Vermezovic noStuart Baxter akavikelanga ngisho eyodwa.