UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela, iTechnical Advisor entsha yeqembu uRobertus Hutting nemenenja yeChiefs uBobby Motaung ngesikhathi kunesithangami nabezindaba eNaturena Village izolo
IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, iyakuchitha ukuthi umqeqeshi waseHolland, uRobertus “Rob” Hutting, uzothatha isikhundla sikaSteve “Mphathi” Komphela osekuphele amasizini engawinanga neyokubika indebe eNaturena.

UHutting (62), oneziqu zokuqeqesha ze-UEFA Pro Licence, umenyezelwe yiChiefs ngoLwesibili ukuthi uzolekelela uKomphela “ngeziyalo” aphinde asebenze nasenkulisa yaleli qembu. Usayiniswe inkontileka yezinyanga eziyisithupha.

Izolo esithangamini nabezindaba uMotaung uthe uyazi ukuthi eNingizimu Afrika uma iqembu liqasha umqeqeshi ozolekelela ngamaqhinga, ubhekwa ngokuthi uzothatha isikhundla sovele esuke ekhona eqenjini. IChiefs ibikade yethula ngokusemthethweni abadlali bayo abasha okunguKabelo Mahlasela, Siphelele Ntshangase, Siphosakhe Ntiyantiya noLeonardo Castro. Iphinde yachaza ngezinhlelo zayo kulezi zinyanga ezisele ngaphambi kokuphela kwesizini ka-2017/2018.

“Ngifuna ukukucacisa ukuthi uHutting akezile ukuzothatha umsebenzi kaSteve kodwa uzomeseka. Ngikholwa ukuthi sithole umuntu okulungele lokho. Sikhulume nabantu abaningi. Ngeke ngidalule amagama abo ngoba bazobona ukuthi behlulekile. Ngiyazi ukuthi eNingizimu Afrika kukhona inkolelo yokuthi osebenza elekelela umqeqeshi ngamaqhinga usuke ezoba ngumqeqeshi olandelayo.

“Siqale ukukhuluma naye ezinyangeni eziyisithupha ezedlule nomqeqeshi (uKomphela) ubeyingxenye yalokho. Nyakenye kuhambe uConti Kubheka noDoctor Khumalo, izindawo zabo azizange zivalwe. Bekufanele sithole umuntu osezingeni ongenazo izinhloso zokuthatha isikhundla somqeqeshi esinaye.”

Emuva kokumenyezelwa kukaHutting ngoLwesibili, iqalile imibuzo ngolwazi lwakhe lwebhola, ikakhulukazi elaseNingizimu Afrika. Kuvele ukuthi uHutting akakaze aliqeqeshe iqembu elikhulu kodwa ungumqeqeshi ogxila enkulisa. Kubaqeqeshi ababhekane nalokhu kukhona uStuart Baxter ogcine esewine isicoco seligi kabili neChiefs. Nakuba iChiefs izame ngakho konke ukuchitha indaba yokuthi uHutting kungenzeka kube uyena umqeqeshi weChiefs ngesizini ezayo kodwa kungenzeka ukuthi isiqalile ukulungiselela impilo ngaphandle kukaKomphela. Inkontileka kaKomphela ayikavuselelwa.

“Ngifikele kumqeqeshi ovulelekile futhi ocabanga okuhle ofuna kubanjiswane. Ngijabule ukuba lapha. Kodwa mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe yingakho ngilapha. Ngiyakwazi iqembu elizibekele khona. Iqembu linomfutho. Sizokwenza konke okusemandleni kulezi zinyanga eziyisithupha. Ngiyazi ukuthi kusekhona iligi neNedbank Cup,” kusho uHutting.

Ebuzwa ngamagalelo akhe ebholeni nokungatholakali kwemisebenzi yakhe ngempumelelo emaqenjini amakhulu kwi-internet, ukhombise ukufudumala, wathi:” Kuya ngokuthi ufuna umqeqeshi we-internet noma oneziqu. Ungayibulali ingane ingakazalwa. Ngicela ufike emuva kwezinyanga ezintathu uzobuza lokho.”

Imidlalo ye-Absa Premiership:

Kusasa: Maritzburg United v Bloemfontein Celtic (Harry Gwala Stadium, 8pm); Ajax Cape Town v Platinum Stars (Cape Town Stadium, 8pm)

NgoMgqibelo: Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates (Loftus Versfeld Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Cape Town City FC (Goble Park, 6pm);

Kaizer Chiefs v Polokwane City (FNB Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Baroka FC v AmaZulu FC (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v SuperSport United (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Chippa United v Bidvest Wits (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm)