UNGQONGQOSHE wezemidlalo kuzwelonke uThulasi Nxesi uphonsela abagadli be-Absa Premiership inselelo yokuthi balikhuphule izinga ekuhlohleni amagoli ukuze baqophe umlando abayokhunjulwa ngawo njengenkakha yeKaizer Chiefs, uMichael ‘Bizzah’ Dlamini.
“Lo muntu ushiye eshaye ama hat-trick angu-13 kwiKaizer Chiefs njengoba namuhla sikhuluma ngabajabulela ukushaya amagoli angu-13 isizini yonke. Kuba kubi kakhulu futhi uma nabo labo uthola ukuthi baqhamuka ngaphandle. Kuzofanele abagadli bethu bazame basike iphethini kule nkakha. Befingqe imikhono baqhulule amagoli njengayo njengophawu lokuyihlonipha,” kusho uNxesi, obengesinye sezikhulumi eziqavile emngcwabeni kaDlamini obuse-Olive Convetion Centre, eThekwini ngoMgqibelo odlule.
UNxesi ukhala kufanele kwazise kwamanye amaligi amakhulu anjengePremiership, eNgland nakwiLa Liga eeSpain inethi liyabhakuza.
NgoMsombuluko uLebogang Manyama ongene emlandweni ejoyina abashayimagoli bePremiership asebeke bahlabana ngeLesley Manyathela Golden Boot.
Lokhu bekulandela ukuqeda kukaManyama ehamba phambili ngamagoli angu-13 awashaye emidlalweni ngesizini ka-2016/2017 nokuyikhona uNxesi, akhale ngakho ekhuluma emngcwabeni kaDlamini eThekwini ngempelasonto edlule.
Inani lamagoli (13) awashayile alisithulisanga isililo ngobuthuntu babagadli baseNingizimu Afrika.
UManyama, osezocijwa nguBenni McCarthy kwiCape Town City, unikwe lo mklomelo ohamba nesheke lika-R25 000 emcimbini wemiklomelo yePremioership ebiseSandton Convention Centre, eGoli.
UManyama akayena umdlali wokuqala ukuthatha iLesley Manyathela Golden Boot eshaye amagoli angu-13 noma asondele kuleso sibalo.
Nyakenye nguCollins Mbesuma waseZambia omuke neGolden Boot naye ngamagoli angu-13 awashayele iMpumalanga Black Aces ayisize yaqeda endaweni yesine kwi-log okokuqala ngqa emlandweni wayo.
Lokho kuyenze yadayisa kalula kwazise ibuye ngesizini edlule isiyiCape Town City okugijima kuyo uManyama.
Ngaphambi kwalokho nguMoeketsi Sekola weFree State Stars othathe isicathulo segolide ngamagoli angu-12 kanti ngaphambi kwakhe bekunguBernard Parker naye ngawu-13 awashayele iChiefs.
Lo 13 uqale kuKatlego Mashego owashayele iMoroka Swallows ngo-2012/2013.
Umdlali wakuleli ogcine ukuhlohla amagoli abeqinisa idolo uSiyabonga “Bhele” Nomvete uwabhakuzise angu-20 asiza iziNyoni zaqeda endaweni yesibili kwi-log ngemuva kwe-Orlando Pirates.
“Kuyishwa ukuthi udlule emhlabeni ngesikhathi sisanda kuqala izingxoxo nezinkakha zikanobhutshuzwayo eziholwa wuBuddha Mathathe. Esixoxa ngakho wukuthi yini abangayenza ngokuhlanganyela nathi ukuphumela emaphethelweni aleli lizwe ukuvumbulula ithalente. Kuhle akwenzile uBizzah Dlamini. Sifisa sengathi intsha ingabonela kuye nangeqhaza alibambile besungula iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs esiyibonayo namuhla,” kusho uNxesi.