UKUHLABANA kukaThabo Nodada, odlala enkabeni yenkundla kwiCapeTown City, amahlandla amathathu eba ngumdlali ovelele ngesizini ka-2017/18 kumfakele umfutho wokusebenza ngokuzikhandla ngokwedlulele.
Lokho uthi kuzomenza aqhubeke nokuphakamisa igama ledolobhana langakubo, iXobho neKwaZulu-Natal jikelele, ekutheni aqokelelwe kweminye imiklomelo yePremier Soccer League (PSL) ngokusongwa kwesizini.
UNodada usengomunye wabadlali uBenni McCarthy ocija amaCitizen asethembele kubo nokuthi abaqeqeshi bamaqembu ePSL, okuthi uma bebopha amaqhinga okuvala iminyakazo yeCity, lingasali igama lakhe kubadlali okufanele baqashwe ngelokhozi.
Exoxa neSolezwe ngeSonto ngempumelelo yakhe selokhu kuqale le sizini ngemuva kokuthi umqeqeshi uMcCarthy ekhombise ukuthi uyakholelwa kuyena, uthe wazitshela ukuthi sekuyisona isikhathi sokuthi aphakamise igama lendawo yangakubo.
“Ukuhlabana kwami ngomklomelo wokuba wumdlali ovelele imidlalo emithathu ngale sizini, kungenza ngizizwe ngiwumuntu ohloniphekile. “Ngubani owayazi ukuthi edolobhaneni elincane njengeXobho kungaphuma umdlali ongavelela kathathu ngesizini eyodwa?
“Kungenza ngizizwe nginomthwalo emahlombe ami wokuqhubeka nokudlala ngokuzikhandla, ukuze uma kuphela isizini nami ngibe mdibimunye nabadlali abasuke bemukela imiklomelo yokusongwa kwesizini. “Nami ngifuna ukugibela phezulu ngiyokwemukela umklomelo uma sekukhishwa imiklomelo yabantu abasebenze kahle ngokuphela kwesizini,”kusho uNodada.
Ebuzwa ukuthi uye azizwe kanjani uma ezwa abaqeqeshi bamanye amaqembu bemkhuthaza ngokuphela komdlalo, uthe le senzo sabo simlethela umoya wokuzithoba.
“Kuyangimangaza uma ngibona abaqeqeshi bamanye amaqembu esisuke kade sidlala nawo, njalo ngokuphela komdlalo beza kimi bazongihalalisela ngomdlalo wami omuhle.
“Abanye balibeka ngembaba elokuthi angiqhubeke nokudlala ngokuzikhandla ngoba bakhe umkhanya,”kubeka uNodada.
“Ngifuna abanye abadlali abasendaweni efanayo nengiphuma kuyona, engenaso nesisodwa isikhungu sokuthuthukisa amakhono, lokho kungabi umgoqwane ekutheni bafeze amaphupho abo ekubeni uMdali ebanikile amakhono okudlala ibhola,”kusho uNodada.