UTHABO Nodada oyinjini yeCape Town City uthi akanalo noluncane uvalo ngeMamelodi Sundowns abazotholana nayo phezulu kowandulela owamanqamu kwiMTN 8 ngelizayo.
UNodada uqhubeke lapho egcine khona ngesizini edlule, njengoba eshaye into ecokeme ezakhe ziwashisa ijezi iMaritzburg United ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeledlule.
Lo mdlali ongapheli moya, omakayo futhi olaziyo ipali ukuthi lingakuphi, ube ngumdlali ovelele eMphithi ngesikhathi ezakhe ziphula izinhliziyo zabeTeam of Choice. Emzuliswaneni olandelayo, iCity izozwana amandla namaBrazilians emilenzeni emibili ye-semi-final.
Nokho bazoqala eKapa, ngo-Agasti 25, ngaphambi kokuya ePitoli emasontweni amabili alandelayo. Abafana Ba Style badume ngokuba nabadlali abahlonishwayo futhi abanesipiliyoni okulindeleke ukuthi osukwini bathwalise noma yiliphi iqembu kanzima. Ompetha be-Absa Premiership basanda kusayinisa u-Andile “Gattuso” Jali, Lebohang Maboe, José Alí Meza noToni Silva, ukusho abambalwa.
Akukapheli naminyaka emingaki iSundowns inqobe isicoco seCAF Chamipons League neseSuper Cup njengoba isingilinye lamaqembu asatshwayo ezwenikazi i-Afrika.
Ziya kulo mdlalo nje, Abafana Ba Style nomqeqeshi wabo uPitso “Jingle” Mosimane izinhliziyo zibomvu njengoba bekhala ngokuthi sebezinqobe zonke izicoco ngaphandle kweseMTN 8.
Noma kunjalo, uNodada uthe iSundowns akulona iqatha abona lizobabinda kowandulela owamanqamu.
“Akusikhathazi nakancane ukuthi banabadlali abanjani, uma nje benemilenze, izandla nakho konke okunye abantu abaphilayo abanakho, sinethuba. Kunabadlali abawu-11 enkundleni, ngakho sinethuba lokubashaya asisabi neze,” kusho uNodada ngokuzethemba.
Ngesizini edlule, ezikaBenni McCarthy zehlulwe kowamanqamu iSuperSport United emqhudelwaneni ofanayo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UNodada uthe kulokhu bafuna ukuwunqoba lo mqhudelwano. “Ngesizini edlule sishaywe sesifikile kowamanqamu. Njengamanje kusesekuseni ukukhuluma ngowamanqamu njengoba kusafanele sidlule emilenzeni emibili ye-semi-final bese sicabanga ngowamanqamu. Kodwa iqiniso ukuthi sifuna ukwenza kangcono kulokhu ngokuthi siwunqobe lo mqhudelwano ngoba kwasiphatha kabi ukushaywa kowamanqamu ngesizini edlule,” kuphetha uNodada.