UFANISWE nesilomo seChelsea umdlali weMaritzburg United, uSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu, okhale wemuka nomklomelo we-Absa Premiership Player of The Month kaJanuwari.
UNdlovu, osephenduke isethenjwa esiswini seTeam of Choice, ukhale wemuka nomklomelo ehlula uLuvuyo Memela we-Orlando Pirates, Daniel Cardoso weKaizer Chiefs noThulani Hlatshwayo ongukaputeni weBidvest Wits. Owomqeqeshi ovelele ugoduke noMilutin “Micho” Sredojevic opheka iPirates kwathi owegoli elivelele wagoduka noTiyani Mabunda.
Amagalelo kaNdlovu kwiTeam of Choice aholele ekutheni iqembu linyukele endaweni yesihlanu kwi-log yePremiership.
UMicho uthe uNdlovu umfanisa nenjini yeChelsea, uN’golo Kante, owine umklomelo womdlali ovelele kwi-English Premier League wesizini ka-2016/2017, iPFA Player of The Year, nePFA Players’ Player of The Year.
“I-Argentina, France neBrazil kuyaziwa ngabadlali abasebancane. Ngiyabathanda abadlali abasebancane. Uma uthanda ibhola, kufanele uthande nabadlali. Ngesikhathi ngiqala ukumbona uNdlovu emaka ngabona ikhono. Ngihlale ngisho ukuthi unguN’golo Kante waseMzansi. Ngifisa ukuthi agqugquzeleke ngoba usengakhula kakhulu kunalokhu. Angaba wumdlali oqavile eqenjini lakhe nasezweni lonke,” kusho uSredojevic.
Amagalelo kaNdlovu aseholele ekutheni iTeam of Choice inyukele endaweni yesihlanu kwi-log yePremiership.
Nokho ibhekene nenselelo yokuqhubeka nokwenza kahle emuva kokulahlekelwa wumgadli wayo oqavile, * -Evans Rusike, othengwe yiSuperSport United ngenyanga edlule. URusike ubehamba phambili ngokushaya amagoli kwiTeam of Choice.
Umqeqeshi, uFadlu Davids, uvumile ukuthi ukuhamba kukaRusike kuyiphazamisile indlela abadlalo ngayo, wathi sekufanele ayishintshe ukuze izovumelana nabadlali abasele eqenjini.
UNdlovu, ongumdlali wokuqala weTeam of Choice owine umklomelo womdlali wenyanga, ukholwa wukuthi kusemahlombe abo ukuvala lesi sikhala.
“Bekunzima kakhulu ukulahlekelwa nguRusike, kusimangazile. Ungumgadli obelisiza kakhulu iqembu, eshaya amagoli sekuyophela umdlalo. Kufanele sisivale isikhala sakhe ukuze kungabonakali ukuthi akasekho,” kusho uNdlovu.