KUSUKE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi abalandeli bakanobhutshuzwayo ngaphansi kwe-Absa Premiership beqaphela ukuthi iSouth African Football Association (Safa) ikhiphe esinye isitatimende iqinisekisa ukuthi iBidvest Wits ithole iphenathi kungafanele.
Kulesi sitatimende esikhishwe iSafa kuvele nokuthi ikhadi eliphuzi elinikwe unozinti weCape Town City uPeter Leeuwenburgh belingafanele kepha bekufanele kube uSimon Murray onikwa lona bese kuba i-freekick yeCity.
“Ngemuva kokucubungula kahle nokuzibheka zonke izinhlangothi, ikhadi elitholwe unozinti weCape Town City bekungafanele anikwe lona kepha bekufanele linikwe uMurray. Iphenathi anikwe yona uMurray bekungafanele ayithole ngoba kusobala ukuthi uziwise yena engathintwe muntu ngakho-ke bekumele alitholele lokho ikhadi. Inkinga enkulu ukuthi asinawo amandla okuhoxisa ikhadi ngaphandle uma kusicacela ukuthi unondweba wethu ubhale umuntu kungafanele,” sisho kanje isitatimende.
Umbuzo okuyiwona futhi osuse lokhu kukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ubuthi kungani iSafa ikhipha lesi sitatimende, kungekho zinyathelo ezizothathelwa uLuxolo Badi okunguyena owenze le nkebenkebe yephutha.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane usanda kugigiyela onondweba ekhuluma ngendlela yokuthi bathunyelwe ukuthi basize iWits (eqhwakele).
“Into ebuhlungu kunayo yonke lapha ukuthi sibanjwa kanjena nje, iWits iyaqhubeka yona iyaqoqa amaphuzu kodwa thina sisalela ngemuva,” usho kanje bebambana neWits ngo 1-1. Ubesanda kukhala esifanayo ephikelwa igoli bebhekene neBloemfontein Celtic koweligi.
Yize udaba luthinta iCape Town City kodwa abalandeli beSundowns abebekhombisa ukuba nolaka ngenxa yalesi sitatimende bathi asithi shu.
U-@Skhomo, uthe: “Kusobala ukuthi iSundowns izothola inqwaba yalezi zincwadi zokuxolisa ngoba ixhoshwa njalo. U-@Kgabosr: “Lesi sitatimende siqinisekisa ukuthi iSafa ibe nesandla ekutheni iCape Town City idle isicoco seMTN 8 ngoba nayo iyenzelelwa kwesinye isikhathi.
U-@Nturulubisi uthe: “Umsebenzi waleli komiti awukho. Kusizani ukuthi bamemezele ukuthi balibonile iphutha kodwa kungabi bikho sinqumo esithathwayo? Umsangano wodwa lo. U-@uLoyiso: Manje azobuya wonke la maphuzu ahlale elahleka ngenxa yamaphutha onondweba?
U-@Spiwo uthe: “Akukho sinqumo esithathwe yileli komoti ngaphandle kokusitshela into esiyaziyo.